Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Kusenzima kwiSharks ephinde yahlulwa kwiCurrie Cup

Xolile Mpisane|Published

UPHATU Ganyane oshayele iHollywoodbets Sharks XV i-try ngesikhathi ibhekene neToyota Cheetahs koweCurrie Cup.

Image: BACKPAGEPIX

I-HOLLYWOODBETS Sharks XV ithole iphuzu lokuqala kwiCurrie Cup kule sizini ngesikhathi inqotshwa yiToyota Free State Cheetahs ngo 7-5 emdlalweni obuseSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoMgqibelo ntambama.

Kulo mdlalo obekungenwa mahhala kuwona, kuphinde kwagqama amaphutha kuwona womabili amaqembu okwenze athola isibalo esincane samaphuzu.

ICheetahs ithole i-try yayo yokubika esiwombeni sokuqala ebekwe nguNeels Volschenk, kwathi uNtokozo Makhaza wayibeka phakathi i-conversion.

ISharks iphendule nge-try kaPhato Ganyane ngasekupheleni komdlalo kodwa uJean Smith wayishweba i-conversion ebizokwenza ukuthi umdlalo uphele ngokulingana.

Nakuba kunjalo, iqembu likaJP Pietersen lilitholile iphuzu elilodwa ngenxa yokuthi lihlulwe ngamaphuzu angaphansi kwayisishiyagalombili.

Nakuba iSharks ingakafiki ezingeni eliholele ekutheni iwine lo mqhudelwano ngesizini edlule kodwa idlale kangcono kunasemidlalo emibili yokuvula isizini, lapho ixetshulwe khona yiFidelity ADT Lions ngo 46-3 e-Ellis Park, neVodacom Bulls ngo 64-0 eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.

Emdlalweni olandelayo weCurrie Cup isizotholana phezulu neSuzuki Griquas eSuzuki Stadium, eKimberley, ngoLwesihlanu ngo-3 ntambama.

IGriquas ibhaxabule iDHL Western Province ngo 47-17 kuyona le nkundla ngoLwesihlanu oludlule.

Leli qembu laseKimberley linqotshwe yi-Airlink Pumas ngo 49-28 emdlalweni walo wokuvula ekuhambeni, laguqisa iSanlam Boland Kavaliers ngo 48-39 kowesibili ekhaya.

IPumas isaqhwakele kwi-log yeCurrie Cup ngamaphuzu angu-11 emidlalweni emithathu, ilandelwe yiGriquas ngamaphuzu alinganayo.

ISharks isendaweni yesikhombisa ngephuzu kanti iWestern Province isemsileni ngeqanda.