Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UZwane nentshisekelo yokubuyisa isithunzi saMaZulu

Sibusiso Mdlalose|Published

UMQEQESHI waMaZulu FC, u-Arthur Zwane, unentshisekelo yokuhlanganisa iqembu elizodlala ibhola elizobuyisa abalandeli bebhola baKwaZulu-Natal enkundleni njengoba kwakwenzeka eminyakeni edlule leli qembu lisabalwa nayehlonishwa eNingizimu Afrika.

AmaZulu awashiswe ijezi yiStellenbosch FC kuma-quarterfinal eMTN8 ngempelasonto edlule. Kulindeleke avuke azithathe ngomdlalo wasekhaya wokuvula isizini ka-2025/26 yeBetway Premiership azowudlala ne-Orbit College ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, namuhla ngo-3 ntambama. 

Leli qembu liqala isizini nje, likhombe indlela abadlali abaningi, lasayinisa labambalwa okubalwa kubona nabakhushulelwe esikimini esikhulu besuka kwesidlala kwiDStv Diski Challenge. 

“Into esiyifunayo kule sizini ukubamba umgqigqo owodwa emidlalweni esiyidlalayo, okuyinto ebesingenayo ngesizini edlule. Emidlalweni eminingi esiyidlalile ngesizini edlule besihluleka ukubamba umgqigqo owodwa, singenelwa nangamagoli angenasidingo obekungafanele ngabe ayasingenela," kusho uZwane.

"Kodwa ngaleli qembu esilihlanganisayo kule sizini angingabazi ukuthi kukhona lapho esiya khona.

"Nendlela esidlale ngayo sidlala neStellenbosch kwiMTN8 kukhombisile ukuthi sidinga ukulungisa amaphutha ambalwa ikakhulukazi ekungenelweni kwethu ngamagoli angenasidingo, bese singena emgqeni. Ngeqembu esilakhayo sifuna kubenzima kunanoma yiliphi elizodlala nathi, liphume eThekwini libuzilwe ubunzima bokubhekana nathi. 

"Eminyakeni edlule AmaZulu bekuyiqembu elinabadlali abanzima abagijimayo nabasatshwayo abanjengo abanjengoJoel Faya. Kuleli qembu esinalo manje sinabadlali abanjengoMashego (Tebogo) abasheshayo, abanejubane.

"Sifuna ukwakha iqembu elizokwenza abalandeli bethu babuyelwe wuthando lokuzokubuka AmaZulu edlala, elizobakhumbuza izikhathi zoSimon Magagula, oMenzi Xulu noGonondo (Julius Chirwa).”

Lo mqeqeshi uqhube wathi ngeke bayithathe kancane i-Orbit engomakoti kwiPremiership emdlalweni wanamuhla.

Nakuba luguqile Usuthu emdlalweni eliwudlale neStellenbosch kwiMTN 8 ngeledlule kodwa lukhombise izimpawu zokuba yiqembu elidlala kangcono neliyingozi uma kuhlaselwa, nokho okubukeka lisadinga umgadli olungathembela kuyena ekwenzeni izinto zenzeke phambi kwamapali.

Ngakho kulindeleke ukuthi kubonakale emidlalweni elandelayo yePremiership ukuthi umgadli elimsayinisile, uThandolwenkosi Ngwenya osuka kwiFC Platinum yaseZimbabwe, angaba yini yisixazululo enkingeni yamagoli.