UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uManqoba Mngqithi, okholwa wukuthi ukwakha kabusha ngabadlali abasebancane kuzoletha impumelelo kule sizini eqalayo yeBetway Premiership
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uManqoba Mngqithi, osole ukugcwala “kwezinkoqoba” zabadlali asebekhulile njengenye yezimbangela zokubhekana nobunzima kwaleli qembu ngesizini edlule, ukholwa wukuthi ukwakha kabusha ngabasebancane kuzoletha impumelelo ngesizini ka-2025/2026.
Ngesizini edlule i-Arrows iqede endaweni ka-12 kwi-log yeBetway Premiership, yasinda ngamaphuzu amane engozini yokudlala kumaPSL Promotion Play-Offs.
Izovula isizini yeBetway Premiership ngokuvakashela iSiwelele FC eDr Molemela Stadium, eBloemfontein, namuhla ngo-8 ebusuku.
Ekhuluma ngokungenzi kwahle kwe-Arrows ngesizini edlule, uMngqithi akazange ashone eceleni.
“Ngicabanga ukuthi inselelo kube wukuthi iqembu belinabadlali asebekhulile. Eqenjini elihlezi limaphakathi kwi-log, udinga ukuba nomfutho futhi usebenze ngokuzikhandla. Lokho kufanele kube yisikhali sakho,” kusho uMngqithi.
“Iqembu engilakha manje lizoba namandla afanele. Nizobona abadlali abadlala ibhola elithokozisayo. Laba bafana abancane bakhule kakhulu ngesikhathi esifushane. Nginethemba lokuthi bazobuyisa ibhola elithokozisayo, elalithandwa ngabalandeli be-Arrows eminyakeni edlule
Yebo abadlali abasebancane babuye bangakwazi ukubamba umgqigqo kodwa kungumsebenzi wami ukuqinisekisa ukuthi abadlebeleki futhi bahlala begxile ekwenzeni kahle."
Leli qembu laseLamontville likhulule uRyan Moon, Thabani Zuke, Tebogo Tlolane, Knox Mutizwa, Kagiso Malinga, Sifiso Mlungwana, Menzi Masuku, Ntsikelelo Nxadi ukubala abambalwa. Lisayinise abadlali abayisithupha abasebancane abasuka kwiMidlands Wanderers yaseMgungundlovu esanda kukhushulelwa kwiMotsepe Foundation Championship okunguNtandeyenkosi Mabaso, Sboniso Madonsela, Philani Khumalo, Nhlanhla Gasa, Alwande Booysen noMfanuvela Mafuleka.
Bajoyinwe nguSabelo Radebe obedlalela iRoyal AM noJunior Dion obekuMaZulu. Ngaphezu kwalokho, kukhona u-Ayanda Jiyane, Philani Sithebe noSabelo Sithole abajoyine i-Arrows besuka kwi-AM ngesizini edlule.
UMngqithi okhuze ibuya kuBafana Bes’thende ngoMashi esuka kwiMamelodi Sundowns abesenqobe nayo inqwaba yezicoco, uyaziwa ngokukholelwa kubadlali abasebancane kwazise nango-2009 edla isicoco seMTN8 naleli qembu, wayebophele iningi labadlali ababevunywa yiminyaka.