Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UChaine akaneme ngezinga lakhe ezintini zePirates

Sibusiso Mdlalose|Published

UNOZINTI we-Orlando Pirates, uSipho Chaine, ohlabene ngomklomelo wokuba ngunonzinti ovelele kwiBetway Premiership ngesizini edlule, usalobizela ukuzuza okungaphezulu kwasekuzuzile ebholeni

Image: BACKPAGEPIX

UZIBONA engakafiki lapho aphokophelele ukufinyelela khona ngokwezinga azibekele lona unozinti we-Orlando Pirates, uSipho Chaine, oyisethenjwa ezintini zaleli qembu.

UChaine (28) osedlale amasizini amathathu kwiPirates ayijoyine ngesizini ka-2022/23 esuka kwiChippa United abanye bemngabaza ukuthi angafike athathe ijezi kuleli qembu laseSoweto, uzuze umklomelo wakhe wokuqala kwiPremier Soccer League (PSL) ngesizini edlule ka-2024/25, ekhala emuka noweBetway Premiership Goalkeeper of The Season.

Lo nozinti ubambe elikhulu iqhaza leli qembu linqoba isicco seMTN8 ngesizini edlule, lafinyelela kowamanqamu weNedbank Cup. Ngaphezu kwalokho, lifike kowandulela owamanqamu weCaf Champions League, laqeda endaweni yesibili kwi-log yePremiership. 

IPirates ezobhekana neMamelodi Sundowns kweyandulela owamanqamu eMTN8 ngesonto elizayo, izovula isizini yeBetway Premiership ngokududulana neSekhukhune United e-Orlando Stadium, eSoweto, kusasa ngo-5.30 ntambama.

“Ngiyaziqhenya ngengikuzuzile ngesizini edlule. Lude uhambo esengiluhambile, alilula neze.

"Ngakho kusho lukhulu kimina ukuthola lo mklomelo waleli zinga (Goalkeeper of the Season), emndeni wami nakubo bonke abantu abebelokhu bekholelwa kimina ukuthi ngiyoze ngifike esigabeni eliphezulu.

Njengoba kuqala isizini ngizizwa ngigqugquzeleke kakhulu kunakuqala ekutheni ngiqhubeke nokusebenza ngokuzimisela ngibe ngunozinti ongcono kakhulu kunonginguyena manje,” kusho uChaine, obanga ijezi noMelusi Buthelezi noSiyabonga Dladla ezintini zeBucs. 

Phezu kwasekuzuzile eqenjini leZimyama asenqobe nazo izicoco zeMTN8 neNedbank Cup nokuba ngunozinti wokuqina weqembu, okuthenjelwe kuyena, kodwa uChaine uzibona engakafiki lapho afuna ukufika khona.

“Kuya ngemigomo ozibekele yona njengomdlali. Khona ngizibona ngisahamba emzileni ofanele, futhi ngisayibambe ngakho. Kodwa ngizibona ngingakafinyeleli kuleli zinga engiphokophelele ukufinyelela kulo njengomdlali webhola. Ngabe ngiqamba amanga uma ngingathi ngijabule kakhulu ngokuba kuleli zinga engikulona njengamanje ngoba ngisaphokophelele ukwenza okungaphezulu kwalokhu engisakwenzile,” kusho uChaine, ogcizelele ukuthi balindele umdlalo ongelula kwiSekhukhune kusasa kowePremiership. 

Imidlalo yeBetway Premiership: 

Kusasa: 

AmaZulu FC v Orbit College (Princess Magogo Stadium, 3pm); Chippa United v Mamelodi Sundowns (Nelson Mandela Stadium, 3pm); Polokwane City v Magesi FC (Old Peter Mokaba Stadium, 3pm); Orlando Pirates v Sekhukhune United (Orlando Stadium, 5.30pm); Siwelele v Lamontville Golden Arrows (Dr Molemela Stadium, 8pm)

NgeSonto: 

TS Galaxy v Durban City (Mbombela Stadium, 3pm); Stellenbosch FC v Kaizer Chiefs (Athlone Stadium, 5.30pm)