Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UCardoso usalobizela ezinye izindebe neDowns

Sibusiso Mdlalose|Published

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, osephumele obala ngokulobizela ukunqoba ezinye izindebe naleli qembu lasePitoli eselaziwa ngokuqhobozela izicoco zeligi yePremiership isizini nesizini

Image: BACKPAGEPIX

NGEMUVA kokubingelela ngesicoco seligi yeBetway Premiership ngesizini yakhe yokuqala kwiMamelodi Sundowns, umqeqeshi uMiguel Cardoso, usephumele obala ngokulobizela ukuqhuba umsizilo wokuqhobozela ezinye izicoco eChloorkop.

Nakuba lo mqeqeshi odabuka ePortugal efike kwiSundowns, ngoDisemba, esuka kwi-Esperance yaseTunisia, kodwa ukwazile ukuyinqobela isicoco seligi yePremiership, eqhuba ukukhonya kwalezi zingqungqulu zasePitoli kwiPremiership. ISundowns inqobe iligi okwehlandla lesishiyagalombili amasizini elandelana okungokokuqala emlandweni wePremier Soccer League (PSL) kusukela yasungulwa ngo-1996.

AmaSandawana azoqala isizini entsha yePremiership ngokutholana phezulu neChippa United ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha. 

“Ukuba yingxenye yePremiership nokuba ngomunye wabaqeqeshi abangu-16 abahola amaqembu kwiPSL, kusho lukhulu kimina. Isizini edlule kube yisizini enhle kimina njengomqeqeshi, ngathola nethuba lokuwina iligi neqembu elinjengeMamelodi Sundowns.

Lowo muzwa wenjabulo yokuwina indebe yeligi yiwona ongikhuthazayo ekuqhubekeni nokuwinela iqembu ezinye izindebe, futhi ngizoqhubeka nokuwufaka lowo moya wokunqoba kubadlali. Ngicabanga ukuthi sakhe ubudlelwane obuhle nabadlal, sinomfutho umkhulu eqenjini,” kusho uCardoso, otusa ukwesekwa akuthola kubaphathi baleli qembu njengekhubalo lempumelelo asebenayo kusukela efikile.

Yize lo mqeqeshi emagange nokuqhubeka nokulwela ukunqoba izicoco neSundowns kodwa ulindele isizini enzima. 

“Yisizini enginethemba lokuthi izoba nempumelelo. Kodwa futhi ngiyakuqonda ukuthi kuzoba khona lezo zinsuku okungeke kube yizinsuku zenjabulo, nokho ukuzinikela kwethu nokuzibophezela kwesihlose ukukufeza yikhona okuzosigcina sinomfutho namandla okulangazelela ukunqoba ngaso sonke. Silindele isizini enzima, kodwa enempumelelo,” kuqhuba uCardoso.

“Le ligi inzima kakhulu. Ngihlale ngisho ngithi iBetway Premiership iyiligi enzima. Amarekhodi esiwaphulile ngesizini edlule asiwaphulanga nje kuphela ngokudlala kahle kwethu, kodwa nangemigomo ebesizibekele yona.

Siyabahlonipha abaqeqeshi nabadlali bamanye amaqembu. Siyazi ukuthi sinezimbangi ezinkulu.”

Yize lo mqeqeshi elinqobele leli qembu lasePitoli isicocoo seligi kodwa usenenselelo yokugeza igilo abalandeli ngesicoco seCaf Champions League abasibheke ngabomvu nabaphathi.

Ngesizini edlule amaSandawana ehlulwe yiPyramids yase-Egypt kowamanqamu alo mqhudelwano.