UMPETHA weSpar Women's Challenge, uGlenrose Xaba, ephahlwe wuDiniya Abaray noSelam Gebre base-Ethiopia ngemuva kokunqoba umlenze wesithathu eSupersport Park, eCunturion, ePitoli ngoMgqibelo
Image: SITHUNYELWE
NGEMUVA kokudla umhlanganiso kowomlenze wesine weSpar Women’s Race 10km kulo nyaka, uGlenrose Xaba, uthe unethemba lokuthi impumelelo yakhe kwezokugijma izokhuthaza isizukulwane esizayo sabagijimi baseNingizimu Afrika ngokuthi naso sisengakwenza kwenzeke.
UXaba ushaye intambo ngesikhathi esingu-32:29 eshiya abagijimi base-Ethiopia, uDiniya Abaray noSelam Gebre, abaphume isibili nesithathu ngokwehlukana ngezikhathi ezingu-32:41 no-33:17, ngoMgqibelo, eSupersport Park, eCunturion, ePitoli.
UXaba usha amashushu ngokuba ngumgijimi wesithathu wesifazane waseNingizimu Afrika ukunqoba iSpar Grand Prix Series amahlandla amathathu njengoba ayinqoba ngo-2018 nango-2024.
Abagijimi asebeke bayinqoba kathathu iSpar Grand Prix Series nguRene Kalmer no-Evette van Zyl, bobabili okungabagijimi abamhlophe. UXaba usenqobe imilenze emithathu yeSpar Women’s kwazise ushaye intambo eKapa naseThekwini.
“Ukuyiwina kathathu iSpar Grand Prix ngibe ngumgijimi wokuqala omnyama ukwenza lokho, ngikholwa wukuthi kuzokhuthaza izingane ezincane nabagijimi abasebancane ababukela kimi, ukuthi nabo bangakwenza lokhu,” kusho uXaba waseSecunda, eMpumalanga, oqeqeshwa yinsephe uCaster Semenya.
“Ukuyiwna kathathu ngeke kube yinto yami nje kuphela, kuzoba yinto yabagijimi abasafufusa abaziqeqesha nami.
Kube ngunyaka omuhle kimi. Ngibonga uNkulunkulu ngokuthi kuze kushaye lesi sikhathi ngingakalimali. Ngibonga nabantu abaseduze nami, abaqeqeshi bami uCaster noViolet (Raseboya). Bayangisiza ngaso sonke isikhathi ukuthi ngisheshe ngilulame uma kungukuthi bengigijima imijaho enzima.”
UXaba ugijime owangoMgqibelo ebuya ekunqobeni kwi-ASA South Africa (ASA) National Half Marathon ngempelasonto edlule ebangeni lika-21km ePhalaborwa, eLimpopo. Lapho uqophe irekhodi elisha likazwelonke le-half marathon eNingizimu Afrika ephula elika-Elana Meyer.
ISpar Women’s Challenge yanonyaka igubha iminyaka engu-35. Yaba wumjaho ongowokuqala ogijinywa ngabesifazane bodwa eNingizimu Afrika usungulwa ngo-1990.
Igijinywa imilenze eyisithupha emadolobheni ayisithupha okuyiKapa, iGqeberha, iTheku, iMbombela, iPitoli neGoli.
Imilenze emine seyigijinyiwe eKapa, eThekwini naseMbombela, njengoba sekusele owaseGqeberha ngoSepthemba 27, naseGoli, ngo-Okthoba 5.
Emjahweni ngamunye umgijimi uthola amaphuzu, kuthi oqede namaningi kunabanye uma seyisongiwe imijaho, agixabezwe ngo-R200 000 ohambisana nonyanyavu lwemoto yohlobo lwe-Hyundai.
Umpetha womjaho ngamunye uthola amaphuzu angu-20 bese ehlanganiswa uma sekusongwe imijaho kukhishwe umpetha kazwelonke weGrand Prix Series.
Isicoco sanyakenye siphethwe wuXaba, okunguyena okubhekwe ukuba asivikele nakulo nyaka.