Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

OwePolokwane akayinqeni iPirates koweMTN 8

Sibusiso Mdlalose|Published

ISIKHWISHIKHWISHI somdlali wasophondweni lwesokudla kwiPolokwane City, uBonginkosi Dlamini, okholwa wukuthi ezakhe zingakwazi ukuthela othulini i-Orlando Pirates kowama-quarterfinal eMTN 8, namuhla ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto

Image: BACKPAGEPIX

UMDLALI wasophondweni lwesokudla kwiPolokwane City, uBonginkosi Dlamini, ubona ezakhe zinethuba elifanayo ne-Orlando Pirates lokwedlulela kowandulela owamanqamu weMTN 8 phezu kokuba kuyiyona iPirates ethwelwe ngeqoma njengompetha abavikela isicoco.

IPolokwane izotholana phezulu nePirates emdlalweni wama-quarterfinal eMTN 8 e-Orlando Stadium, eSoweto, namuhla ngo-3 ntambama. 

IPirates iza emdlalweni wanamuhla nje inenselelo yokugcina umgqigqo wayo omuhle kwi-MTN 8 njengoba isinqobe indebe yalo mqhudelwano amahlandla amathathu iminyaka ilandelana - okungu-2022, 2023 no-2024. 

"Siyazi ukuthi lo mdlalo esiyowudlala nePirates awuzukuba lula neze, ikakhulukazi njengoba kuyiyona ezobe idlalela ekhaya phambi kwabalandeli bayo abazobe bephume ngobuningi ukuzoyeseka.

Kodwa futhi siyazi ukuthi ukwenza kahle kwayo kwiMTN 8 esiyiwine amasizini amathathu elandelana, kuyifakela ingcindezi enkulu yokwenza okufanayo nakule sizini," kusho uDlamini, odabuka eMhlongo Farm ngaseMondlo, eVryheid.

"Yiyona iPirates enengcindezi enkulu kunathi kulo mdlalo esiyowudlala, ikakhulukazi njengoba inomqeqeshi omusha osazama ukufaka indlela yakhe yokudlala, ekubeni thina singenazinguquko eziningi eqenjini ikakhulukazi ethimbeni labaqeqeshi.

Ngakho ingcindezi yayo ifana nethuba kithina lokuthi sidlale ngokukhululeka, nangendlela esiyijwayele, sibambembelele eqhingeni lethu esilihlelile njengoba siyobhekana nabo. 

Yebo ngesizini edlule basishayile kuyo yomibili imidlalo yeligi, kodwa lo mdlalo esiyowudlala ngowomkhumulajezi, ungawinwa noma ngubani.

Ngakho sinethuba elifanayo nabo  lokuwuwina lo mdlalo sidlulele kowandulela owamanqamu, kungenzeka noma yini ngosuku lo mdlalo kuyoshiyana amaqhinga nosebenzise amathuba ngendlela efanele  ukwedlula omunye," kuqhuba uDlamini, obona ukudlala kwabo neZimnyama  kuzobanika ithuba lokuzikala ubukhali nobuthuntu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2025/26 yeBetway Premiership ngesonto elizayo.

IRise and Shine izobe ibhekene okokuqala nomdlali wayo osanda kujoyina eZimnyama, u-Oswin Appollis, obeyisethenjwa saleli qembu ngesizini edlule lizibekisela indawo kwiMTN 8 ngokuqeda isizini lisendaweni yesikhombisa kwi-log yePremiership.