OWAYENGUMDLALI weLamontville Golden Arrows, uNjabulo “Mvonqo” Manqana, uphonsele inselelo amaqembu aKwaZulu-Natal adlala kwiBetway Premiership ngokubhukula ngesizini ezayo akhombise ukuthi awaphelezeli amanye awina izicoco kulesi sigaba.
UManqana wayengomunye wabadlali ababekwiGolden Arrows okuyilona qembu laKwaZulu-Natal elagcina ukuphakamisa indebe ngesizini ka-2009/2010 liholwa ngumqeqeshi, uManqoba Mngqithi.
Kusukela lapho sisalokhu siqhubeke njalo lesi sifundazwe ukubhekwa yisambane ekunqobeni izindebe.
Ngemuva kwamasizini amabili, okungeka-2022/23 neka-2023/24, amaqembu aseKZN ehluleka wukuqeda kwiTop 8, AmaZulu FC neRichards Bay FC babuyisele amaqembu esifundazwe ekudlaleni kwiMTN 8, ezoqala ngo-Agasti 1.
“Ukuqeda kwiTop 8 kwaMaZulu obese kuphele amasizini amabili ehluleka ukukwenza lokho, kanjalo nokuqeda kweRichards Bay okokuqala kwiTop 8 kuyinkomba yokuthi kukhona okufanele sikulindele kula maqembu ngesizini ezayo.
Ngaphadle kwaMaZulu neRichards Bay, iGolden Arrows noma ingakwazanga ukuqeda kwiTop 8 ngesizini edlule kodwa ngemuva kokufika komqeqeshi uManqoba Mngqithi zibonakele izimpawu zokuthi iyabuyela ekudlaleni leliya bhola eyayaziwa ngalo. Ngikholwa wukuthi kule sizini ezoqala singase sibone i-Arrows engcono kakhulu ngaphansi kwesandla sikaManqoba.
Ukusayinisa kwayo abadlali abaningi abasebancane kuyakutshela ukuthi isayinisa abadlali abasalambele ukuzakhela igama ebholeni elikhokhelayo,” kusho uManqana.
“Nangasohlangothini lwaMaZulu, nawo asanda kukhuphulela esikimini esikhulu abadlali abaningi abasuka eqenjini elincane leDiski Challenge kukhomba khona ukuthi u-Arthur Zwane nethimba lakhe bazimisele ukukholelwa kubadlali abalambele impumelelo, noma sisalindele ukubona abanye abanamava abazobasiyinisa."
“UGavin ungumqeqeshi onamagalelo aziwayo, uyaziwa ngokuwina izindebe, ngakho ngicabanga ukuthi ukufika kwakhe eqenjini elinjengeDurban City kuyinkomba yokuthi abaphathi banezinhloso ezinkulu kwiPremiership. Angingabazi ukuthi uzosayinisa abadlali abanamava, abanye babo okuzoba yilabo asebenze nabo phambilini, abazokwazi ukudlala ngale ndlela ayifunayo.
Kanti kwiRichards Bay uPapi Zothwane noRonnie Gabriel nabo bayapheka, kufanele kubekhona esikulindele njengoba besanda kusayinisa abadlali abasha. Umphathi wayo, uJomo Biyela, akakufihli ukuba nezinhloso ezinkulu ngeqembu. Empeleni nje kufanele kubekhona iqembu laseKZN elinqoba isicoco, ngikholwa wukuthi sesifikile isikhathi. Akufanele amaqembu esifundazwe afane naphelezela amanye ekubeni likhona ikhono.
AmaZulu afika kowamanqamu eMTN 8 ngo-2022, ngaphambi kwalokho aqeda isizini esendaweni yesibili kwi-log yePremiership ngesizini ka-2020/21, ngakho akukho okungeke akwazi ukukwenza amaqembu aseKZN.”
Kulindeleke kubonakale izinduku ezintsha ezigawulwe ngamaqembu aseKZN emqhudelwaneni wokuzifudumezela isizini entsha, iKZN Premier’s Cup, ozodlalwa ngoJulay 26-27 eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.