Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Ifolosa ngoGerda Steyn iHollywoodbets 10km yanonyaka

Sibusiso Mdlalose|Published

UZOFOLOSA ngensephe yeComrades Marathon, uGerda Steyn, umjaho iHollywoobets 10km ohlanganisa nebanga lika-5km ozogijinywa kusukwa eHollywoobets Kingsmead Stadium,eThekwini, uphinde uphelele khona ngo-Agasti 31. 

Lo mjaho owasungulwa ngo-2021, ungowebanga elifishane futhi uheha abagijimi abaningi ngenxa yemiklomelo yawo econsisa amathe.

Ozodla ubhedu kwabesilisa nabesifazane uzogoduka no-R37 000, isibili kube u-R30 000, isithathu kube u-R20 000, kwehle njalo kuze kuyofika endaweni yeshumi lapho umthobanhliziyo wakhona kungu-R6 000.

USteyn onqobe iComrades ngoJuni okwehlandla lesithathu iminyaka ilandelana, ngomunye wabagijimi abazobe bebhekwe kakhulu kwabesifazane kulo mjaho azobe ewugijima kusukela efudukele ekilabhini iHollywood Athletics Club ayijoyine kulo nyaka esuka kwiPhantane Athletics Club.

 

“Kusho lukhulu kimina ukugijima lo mjaho engake ngawugijima phambilini ngisagijimela iNedbank Running Club, ngakho ngimagange kakhulu ngokuphinda ngibambe iqhaza emjahweni wakulo nyaka sengigijima ngaphansi kweHollywood,” kushaya ngamafuphi uSteyn.

Ngaphandle kukaSteyn abanye abagijimi besifazane ababhekiwe kulo mjaho, kubalwa uNehenga Khatala weHollywood Athletics okunguyena onqobe lo mjaho nyakenye, uCacisile Sosibo weBoxer Athletics Club, noLoveness Madziva weHollywood. 

UManfred Seidler, oyi-Elite manager yeHollywood Athletics, uthe: “Sibone kufanele siyishintshe indawo umjaho ozoqala kuyona nozophelela kuyona ngenxa yokuthi eKings Park Athletics Park Stadium kuzobe kunomdlalo we-rugby, nanokuthi-ke iKingsmead iyinkundla ekahle ephephile nangasohlangothini lokupaka izimoto nokunye.

Sithemba ukuthi lizoba phezulu izinga nasemjahweni wanonyaka, futhi uzoheha abagijimi abasezingeni eliphezulu, yize singakabaqinisekisi okwamanje ngoba sisaxoxa nabo ngokubamba kwabo iqhaza kulo mjaho,” kusho uSeidler. 

Umengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) obeyingxenye yokwethulwa kwalo mjaho, uSteven Mkasi, uthe kufanele ifakelwe izibuko eyokuncipha kwesibalo sabagijimi besifazane emijahweni.

“Abagijimi besifazane bayabonakala ngobuningi babo ekugijimeni ebuncaneni babo besengamantombazane, kodwa kuthi uma sebeqala bengena esigabeni esithile sokukhula bese benyamalala, sehle isibalo sabo ekugijimeni, okuyinto esikhathazayo nesizimisele ngokuyisukumela siyilandelele sithole isisombululo sayo,” kusho uMkasi. 

Nyakenye odle umhlanganiso nguTemelo Ramakongoanaa kwabesilisa, kanti isibili sathathwa u-Elroy Gelant. Kanti kowakulo nyaka kubhekwe uCollin Mulaudzi noStephen Mokoka.

Lo mjaho uqale ukugijinywa okokuqala eGoli, njengoba uzobe ugijinywa ihlandla lesibili nonyaka ngoSepthemba 13.