IHHASHI uMbayimbayi elathathwa nomgibelo walo, uMelusi Gamede nomphathi walo, uZuku Gamede, ngenkathi lidla umhlanganiso kwiKing Cetshwayo Traditional Rural Horse Racing, nyakenye, eMpangeni
Image: SIGCINIWE
KUBHEKWE uMpendulo noMbayimbayi phakathi kwamahhashi azobe edlana imilala emjahweni iKing Cetshwayo Traditional Horse Racing ozoba seMpangeni, ngoMgqibelo.
Lo mjaho odlondlobalayo noxhaswe nguMasipala wesifunda iKing Cetshwayo, uzogijinyelwa eMpangeni Airfield, eMpangeni, ngoMgqibelo.
Uhlanganisa nomcimbi kaMr and Miss King Cetshwayo wona ozoba ngoLwesihlanu kusihlwa.
Okwenza uMbayimbayi noMpendulo kube yiwona mahhashi abhekiwe kulo mjajo waseKing Cetshwayo yingenxa yokwenza kahle kwawo emijahweni yakamuva, kanti futhi uMbayimbayi okuyihhashi laseMondlo, eVryheid, esifundeni iZululand eligijitshelwa uMelusi Gamede, yilona okubhekwe livikele isicoco elasinqoba nyakenye, lakhala lemuka no-R300 000.
Ngakolunye uhlangothi, uMpendulo okuyihhashi lase-Utrecht esifundeni Amajuba eligitshelwa uZakhele Mkhabela, liza kulo mjaho lithwelwe ngeqoma, kwazise yilona elisanda kudla umhlanganiso kwiDundee July Traditional Rural Horse Racing, eDundee, ngoMgqibelo odlule, lakhala lemuka nesamba lisaka-R400 000 emjahweni omkhulu.
Nakuba uMbayimbayi engagijimanga emjahweni omkhulu wesiteki sika-R400 000 onqotshwe nguMpendulo, kodwa nalo leli hhashi laseZululand liza kulo mjaho lithelwe ngezibonkolo njengoba linqobe emunxeni we-International Race obuphethe isiteki sika-R300 000 elikhale naso.
Phakathi kwamanye amahhashi abhekiwe kubalwa uNxakanxaka, uBarcelona, uTroublemaker namanye.
Ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba umjaho iDundee July, uMkhabela ukubeke kwacaca ukuthi uzimisele uzimisele ngokuphinda esifanayo nakulo mjaho weKing Cetshwayo.
“Sesibheke umjaho olandelayo iKing Cetshwayo. Sifuna ukukuphinda futhi lokhu esikwenze kwiDundee July. Kodwa sekuyobonakala ngalo usuku lomjaho,” kusho uMkhabela, ozohlomula u-R40 000 njengomgibeli waleli hhashi elinqobe kwiDundee July.
Lo mjaho oxhaswe nguMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo oholwa yimeya, uSikhumbuzo Dlamini, kulindeleke uzinyaziswe yizimeya zomasipala abangaphansi kwalesi sifunda okubalwa kubo uMhlathuze, uMlalazi, uMthonjaneni, iNkandla neNtambanana.
Kanti kulindeleke noMphathiswa woMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMntomuhle Khawula, noNdunankulu wesifundazwe, uThami Ntuli.
Related Topics: