ISIHLABANI se-Orlando Pirates, uRelebohile Mofokeng, inkakha yaleli qembu ekholwa wukuthi singase sibe nengcindezi ngesizini ezayo uma kwenzeka singatholi ithuba elifanayo nelikazakwabo, uMohau Nkota, osanda kusayiniswa yiqembu laseSaudi Arabia
Image: BACKPAGEPIX
OWAYENGUKAPUTENI we-Orlando Pirates eminyakeni edlule, u-Innocent Mncwango, ukholwa wukuthi isihlabani saleli qembu, uRelebohile Mofokeng, singase sizithole sinengcindezi ngesizini ezayo uma kwenzeka singalitholi elithuba elifana nelikazakwabo, uMohau Nkota, osanda kusayiniswa yiqembu laseSaudi Arabia.
UNkota usayiniswe yi-Ettifaq FC edlala kwiPro League yaseSaudi Arabia okuvela ukuthi usayine kuyona inkontileka yeminyaka emithathu.
Lesi sikhwishikhwishi somdlali wasophondweni lwesokudla kumenyezelwa ukusayiniswa kwakhe yiqembu laseSaudi Arabia nje, iPirates iseSpain lapho izikulungiselela khona isizini ka-2025/26.
“Cishe kuyiphupho lanoma yimuphi umdlali webhola ukuthola ithuba lokuyodlala phesheya kwezilwandle, engikholwa wukuthi kusho lukhulu kuMohau ongumdlali othembisayo kakhulu nosekhombisile esikhathini esifishane eseqenjini elikhulu lePirates ukuthi unekusasa ebholeni.
"Ngokwami ngicabanga ukuthi ngokuvunywa kwakhe yiminyaka usengakwazi ukuthola elinye ithuba lokudlala kwenye yamaligi ase-Europe eminyakeni embalwa ezayo,” kusho uMncwango.
“Nokho ukuthola ithuba lokuyodlala phesheya kukaMohau ngibona kungase kumfakele ingcindezi uzakwabo uRelebohile naye unesifiso esifanayo, ikakhulukazi njengoba sekunesikhathi eyamaniswa nokuya e-Europe.
"Engikufisayo wukuthi naye alithole ithuba elifa nelikazakwabo uMohau. Kodwa futhi uma kungenzekanga manje, lokho kungamdikibalisi kodwa azitshele ukuthi nelakhe ithuba lizovela, aqhubeke nokudlala ngokuzimisela nokuzinikela ngendlela efanayo njengoba ebenza ngesizini edlule. Iminyaka isamvuma, usazolithola ithuba ikakhulukazi njengoba esedlala naseqenjini lesizwe iBafana Bafana ezodlala kwi-Afcon ngoDisemba eMorocco, hleze aphinde athathe amehlo ezinhloli.”
UMofokeng (20) useke wayamaniswa neqembu aseScotland, iGlasgow Rangers ne-Al Ahly yase-Egypt.
Lesi siphekepheke somdlali wasophondweni lwesokunxele esishaye into ecokeme ngesizini edlule, lapho khona sishaye amagoli angu-12 saba nesandla kwangu-15 kuyo yonke imiqhudelwano, kubhekeke sibe sohlwini lwabadlali abazoqokelwa imiklomelo yePremier Soccer League (PSL) yesizini ka-2024/2025.
Phakathi kwaleyo miklomelo abhekwe kuyo kubalwa owe-PSL Footballer of The Season, Betway Premiership Players’ Player of the Season noweMTN 8 Last Man Standing.
Khonamanjalo: Izolo, iPirates imemezele ukuthi isayinise umdlali wasezinhlangothini, uKamogelo Sebelebele (22), obeyibamba kwiTS Galaxy.
Related Topics: