Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

USithole udalula okuphekwa nguBadela kwiChippa United

Sibusiso Mdlalose|Published

UMGADLI weChippa United, uXolani Sithole, ozibophezele ngokubhukula nozakwabo ngesizini ezayo ngaphansi komqeqeshi omusha osanda kuthatha izintambo uSiyethemba Badela

Image: BACKPAGEPIX

UMGADLI weChippa United, uXolani Sithole, wethembisa ukuthi yena nozakwabo bazibophezele ngokubhukula ngesizini ezayo ka-2025/26, ukuletha injabulo kubalandeli baleli qembu abaleseka ngisho kunzima emidlalweni yasekhaya.

USithole (26) waKwaHlathi, eMnambithi, ungomunye wabadlali beChippa abasindile ngenkathi leli qembu lixosha abadlali abangu-15 ngoJuni, okubalwa kubona u-Andile Jali, Justice Chabalala, Bienvenu Eva Nga nabanye.

IChippa ikhuculule ngemuva kokuqoka umqeqeshi, uSinethemba Badela, othathe izintambo kuThabo September oshiyile.

“Ngesizini edlule, bekuyisizini yami yokuqala ngidlala esigabeni seBetway Premiership, noma kungithathe isikhashana ukuzinza kodwa kuyangijabulisa ukuthi kuphele isizini sengizinzile.

Njengoba iqembu lenze izinguquko ngasohlangothini lwabadlali elibadedelile nokuqashwa komqeqeshi omusha, lokho kuyinselelo yokuthi ngenyuse izinga kakhudlwana ngesizini ezayo ukukhombisa ukuthi angisalanga ngephutha.

Le sizini ezayo yiyona engifuna ukuyisebenzisa ukwenyusa izinga lami ngibe ngumdlali ongcono,” kusho uSithole ojoyine iChippa ngesizini edlule esuka kwiPretoria Callies edlala kwiMotsepe Foundation Championship. 

Ngesizini edlule iChilli Boys eqede isizini isendaweni ka-11 kwi-log yeBetway Premiership, ukukhuculula kwayo nokuqasha uBadela obeyiphini likaRulani Mokwena kwiWydad Casablanca yaseMorocco, kubukeka kuyinkomba yokuthi leli qembu linezinhloso ezinqala ngesizini ezayo.

“Ngikholwa wukuthi thina njengabadlali beqembu sinenselelo yokubhukula ngesizini ezayo silethe injabulo kubalandeli bethu abasesekayo ngaso sonke isikhathi ngisho kunzima singenzi kahle, ikakhulukazi emidlalweni yasekhaya (eBuffalo City Stadium, e-East London) lapho bephuma khona ngobuningi ukuzoseseka.

Usihlalo, uMpengesi (Chippa) ufuna siqede kuTop 8 ngesizini ezayo kodwa thina njengabadlali sizibophezela ukwenza okungcono kunalokho ngoba sifuna iqembu leli qembu libalwe nalawo okungelula ukubhekana nawo kwiPremiership,” kuqhuba uSithole.

UBadela osuka kwiCasablanca noseke waqeqesha enkulisa yeMamelodi Sundowns, unenselelo yokuletha uzinzo kuleli qembu elagcina ngesizini ka-2015/16 ukuqeda kwiTop 8. Laphetha endaweni yesithupha kwi-log yePremiership.

“Umqeqeshi uSiyethemba ufuna abadlali abasebenzayo, abangavilaphi, kanti futhi lidlalwe ibhola kusukela emuva kuya phambili, izitha zinganikwa ithuba lokukhululeka ebholeni. 

Kahle hle ukubeka ngokucacile ukuthi ufuna iChippa ibe yiqembu okungelula ukubhekana nalo, amanye amaqembu ePremiership esibhekana nawo athwale kanzima uma ebhekene nathi.”