Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UMulaudzi ubheke ukuqhubeka nomgqigqo kowe-Absa eThekwini

Sibusiso Mdlalose|Published

UKABELO Mulaudzi ongomunye wabagijimi ababhekiwe emjahweni i-Absa Run Your City Durban 10km ozoba seThekwini, ngeSonto

Image: ACTION PHOTO

INSEPHE yomgijimi, uKabelo Mulaudzi, isha amashushu ngokuqhubeka nokwenza kahle emjahweni owuchungechunge i-Absa RUN Your City Series njengoba iyogijima kowe-Absa Run Your City Durban 10km, eThekwini, ngeSonto.

UMulaudzi (27) weBoxer Athletics Club uza kulo mjaho wangeSonto nje ugcwele ukuzethemba kwazise nguyena onqobe umlenze wesibili obuseKapa ngoMeyi, i-Absa Run Your City Cape Town 10km ngesikhathi esingu-27:49.

Lo mgijimi odabuka e-Alexandra, eGoli, kusukela ngoJulayi nyakenye ubelokhu engena kwabathathu abaphambili kulo mjaho, nokumenza abalwe nabasethubeni lokudla umhlanganiso  kowangeSonto. 

“Ngalimala ngonyaka odlule okwadalwa wukugijima emzileni onamagquma kwiSA 10km Champs. Ngemuva kwalokho kulimala ngibe sengigxila kakhulu ekuziqeqesheni ngejubane elisezingeni elilingene, ngiziqeqesha kakhulu ngokusebenzisa amandla futhi ngikhetha ngokucophelela nemijaho engiyigijimayo ngenhloso yokugwema ukulimala ekulungiseleleni kwami imijaho ye-Absa RUN Your City,” kusho uMulaudzi, ebuzwa ngemfihlo yokugcina kwakhe umgqigqo ofanayo kule mijaho.

Kule mijaho emihlanu yakamuva ye-Absa asengene kwabathathu bokuqala kuyona, uqhakambisa owangoMeyi 11 eKapa, ashaye isikhathi esihle kuwona esedlula esika-27:56 anqoba ngaso i-Absa Run Your City Durban 10km, eThekwini ngo-2023. 

Lo mgijimi oziqeqesha nompetha we-SA 10km, u-Andries Sesedi, uzogadulisana nezinye izinkalimeva ezibhekiwe okubalwa kuzo u-Elroy Gelant noStephen Mokoka.

UGelant nguyena ovikela isicoco se-Absa Run Your City Durban ayinqobe nyakenye ngesikhathi esingu-27:48, kanti uMokoka ubekelwe isizumbulu sika-R100 000 ngabeStillwater Sports engabahleli balo mjaho ukuthi aphule irekhodi leMasters 10km World Best lika-27:48.

“Angithandi ukuzifakela ingcindezi ngokubalula izikhathi namarekhodi, kodwa engingakusho nje wukuthi ngiziqeqeshe kahle futhi ngisesimeni esikahle somzimba ukuyogijima kulo mjaho. 

Ngihlale ngigijima kahle eThekwini, ngakho ngiphokophelele ukwenza isikhathi esihle kulo mjaho,” kuqhuba uMulaudzi. 

UMichael Meyer, oyiManaging Director yeStillwater Sports ehlela umjaho, uthe: “UKabelo Mulaudzi usebe ngomunye wabagijimi abenza kahle nabagcine umgqigqo kwi-Absa RUN Your City Series, ngokungena kwabathathu bokuqala amahlandla amahlanu kulandelana. Ukhombise ifomu esezingeni eliphezulu, ngakho sizobheka ngabomvu ukuthi uzokwazi yini ukwenza kahle ihlandla lesithupha eThekwini.”

I-Absa Run Your City Series igijinywa imilenze emihlanu emadolobheni amahlanu okuyiGqeberha, iKapa, iTheku, iPitoli neGoli. Njengoba sekugijinywe eyaseGqeberha naseKapa, ngemuva kowaseThekwini, kuzoba ngowasePitoli ngo-Agasti 24, kuvale owaseGoli ngoSepthemba 24.