UGAVIN Hunt osethathe.izintambo zokuqeqesha kwiDurban City ezobe igijima okokuqala esigabeni seBetway Premiership ngesizini ezayo
Image: BACKPAGEPIX
USIHLALO weDurban City, uFarook Kadodia, usebheke isinqumo somqeqeshi, uGavin Hunt, mayelana nenqwaba yabadlali abazama inhlanhla kuleli qembu elisanda kwenyukela kwiBetway Premiership.
ICity iyamaniswa nabadlali abebegijima emaqenjini ePremiership ngesizini edlule, abathungatha amakhaya amasha ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2025/2026.
Kulaba badlali, kubalwa uBrooklyn Poggenpoel noThulani Hlatshwayo abasuka kwiSuperSport United esanda kudayiswa, uThabang Sibanyoni osuka kwiMamelodi Sundowns, uWashington Navaya osuka kwiTelOne FC yaseZimbabwe, uHaashim Domingo noDareen Keet abasuka kwiCape Town City egawulwe yizembe kwiPremiership.
“Baningana bona abadlali abahlolwa yithimba lethu labaqeqeshi njengamanje kodwa esingakathathwa isinqumo ngokusayiniswa kwabo. Maduzane umqeqeshi uGavin (Hunt) uzothatha isinqumo ngabadlali abahlolayo bese simemezela ngokusemthethweni. Usanda kuqala ukusebenza nabadlali abehlukene okubalwa kubona abebevele bekhona eqenjini ngesizini edlule kanye nalabo abasazama inhlanhla,” kushaya ngamafuphi uKadodia okuqinisekisile ukuthi bakhona abanye abadlali ababezama inhlanhla ababachithile.
Ngokusho komthombo waleli phephandaba, uThabiso Kutumela, ongumgadli obekade ebolekiswe kwiRichards Bay FC yiMamelodi Sundowns, ubezama inhlanhla kuleli qembu laseThekwini kodwa wachithwa ngemuva kokuziqeqesha nalo isonto.
Uqhube wathi uPoggenpoel, uSibanyoni, noNavaya sebevele baqalile ukuziqeqesha naleli qembu, kanti maduze kungase kubonakale uDomingo noKeet.
UDomingo, Hlatshwayo noKeet banomlando wokusebenza noHunt kwiBidvest Wits engasekho.
IDurban City nezinduku zayo ezintsha kulindeleke ibonakale kwiKZN Premier’s Cup okungumqhudelwano wokuzifudumezela ukuqala kwesizini ezodlalwa ngoJulayi 26 no-27 eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.
Related Topics: