Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Kunconywe amaBokke ngokukhuphula izinga ezitamuzela kwi-Italy

Xolile Mpisane|Published

ABADLALI bamaBhokobhoko uCanan Moodie, Makazole Mapimpi no-Edwill van der Merwe, bejabulela enye yama-try ngesikhathi benqoba i-Italy ngo 45-0 ngoMgqibelo.

Image: BACKPAGEPIX

UHLABEKE umxhwele ngendlela iqembu elilungise ngayo amaphutha elawenza emdlalweni wokuqala ngesikhathi liqumba phansi i-Italy ngo 45-0 emdlalweni wesibili eNelson Mandela Bay Stadium eGqeberha, ngoMgqibelo ntambama, umdlali waphambili wamaBhokobhoko, uSalmaan Moerat. 

Yize iqembu lakuleli lidlale isikhathi esiningi selishoda kulandela ukushishwa kukaJasper Wiese ngekhadi elibomvu maphakathi nesiwombe sokuqala, likwazile ukushaya ama-try ayisikhombisa, langayivumela i-Italy ukuthi ishaye neyokubika.

UMoerat, obehola leli qembu njengoba uSiya Kolisi ebengakalulami ngokugcwele, uncome iqembu ngokwenza kangcono kunalokhu elikwenzile ngesikhathi lishaya i-Italy ngo 42-24 emdlalweni wokuqala eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli. 

"Kuyinhlanhla enkulu ukuthola ithuba lokuhola iqembu. Kodwa-ke umsebenzi uba lula uma uzungezwe abadlali abanamava njengoWillie (Le Roux), Pieter-Steph (Du Toit) nabanye," kusho uMoerat.

 “Mayelana nendlela esimake ngayo, ingijabulisile indlela ebesizimisele ngayo ngoba besazi ukuthi kufanele sibhukule, sibambisane.

"Bekungelula ukubhekana ne-Italy kodwa okuhle esingakuthatha kulo mdlalo yindlela esibavimbe ngayo bangakwazi ukuthola neyodwa i-try.”

Umqeqeshi uRassie Erasmus naye ulishayele ihlombe iqembu ngokuthuthuka kuleli sonto, wagqamisa nokubaluleka kokuhlola abadlali abehlukene njengoba iqembu lesizwe lizoba matasatasa kulo nyaka.

"Sibona iqembu njengesikwati sabadlali abangu-45 abasizanayo futhi baphonselane inselelo uma sizilolonga. Kwesinye isikhathi amalungiselelo ethu aba nzima kunomdlalo uqobo," kusho u-Erasmus. 

"Asizange sixhamazele ngemuva kokuthola amaphuzu angu-42 nokudedela ama-try amabili alula emdlalweni wokuqala. Kulokhu sishaye amaphuzu angu-45, sangadedela lutho.

"Sizobhekana neGeorgia emdlalweni ozayo ngakho-ke okwenzeke kulo mdlalo asikubheke kodwakuyingxenye yezinhlelo zethu zesizini yonke.”

AmaBhokobhoko asezotholana phezulu neGeorgia eMbombela Stadium, eMpumalanga, ngoMgqibelo ngo-5.10 ntambama.