Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UMapimpi usazozinikela ngokuphelele kumaBhokobhoko

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI wamaBhokobhoko osemnkantshubomvu, uMakazole Mapimpi.

Image: BACKPAGEPIX

UTHEMBISA ukukhipha wonke amandla anawo njalo uma enikwa ithuba lokudlala eqenjini lesizwe yize enokungabaza ngokuthi uzokwazi yini ukudlala eNdebeni yoMhlaba elandelayo umdlali wamaBhokobhoko, uMakazole Mapimpi.

Lo mdlali ozohlanganisa iminyaka engu-35 kuyona le nyanga, uzobe eseminyaka engu-37 uma amaBhokobhoko eseyovikela isicoco sawo e-Australia, ngo-2027.

Ungomunye wabadlali abafakwe eqenjini elizobhekana ne-Italy eGqeberha, ngoMgqibelo ntambama, ngesikhathi umqeqeshi uRassie Erasmus enza izinguquko kwelinqobe leli lizwe ngo 42-24 eLoftus Versfeld Stadium, ngempelasonto edlule.

"Kuyiqiniso ukuthi ngizobe ngimdala ngoba ngizobe ngineminyaka engu-37 kodwa akukho engingakwenza ngeminyaka yami. Ngeke ngizithembise lutho mayelana neNdebe yoMhlaba. Into engingayenza njengamanje ukugxila kulokho okwenzeka phambi kwami, okuwukudlala kahle kwiSharks noma kumaBhokobhoko uma ngifakiwe eqenjini. Ngijabule kakhulu ngokuba yingxenye yamaBhokobhoko," kusho uMapimpi.

Lo mdlali ogijima ophikweni odabuka eTsholomqa, ngase-East London, uthe kuhlale kukhethekile ukudlala e-Eastern Cape neqembu lesizwe.

"Iqembu lonke lijabule ngokubuyela lapha eGqeberha. Ngicabanga ukuthi sagcina ukuba lapha ngemuva kweCovid-19 ngo-2021. Sesibabonile abalandeli bephume ngobuningi esikhumulweni sezindiza nendlela abajabule ngayo,” uqhube kanje.

"Kuyivelakancane ukuthi sidlale lapha ngakho-ke nginesiqiniseko sokuthi abantu bakuthokozela kakhulu ukuphuma bezosibukela sidlala."

U-Erasmus ubophele abadlali abathathu abangakawudlali umdlalo osemthethweni kumaBhokobhoko abazoqala ebhentshini. Laba badlali ngu-Asenathi Ntlabakanye, Ethan Hooker noCobus Wiese, ongumfowabo kaJasper Wiese oseqenjini elizowuqala lo mdlalo.

Kulokhu iqembu lizoholwa nguSalmaan Moerat njengoba uSiya Kolisi esanikwe isikhathi esithe xaxa sokuthi alulame kulandela ukuzwa ubuhlungu emsipheni i-Achilles.