UGLENROSE Xaba okubhekeke aqhubeke nokukhipha unyawo emjahweni i-Absa Run Your City Durban 10km, kusasa eThekwini
Image: ACTION PHOTO
AMEHLO azothi njo kuGlenrose Xaba wakuleli noDebash Desta wase-Ethiopia njengoba kubhekwe ngabomvu ukuthi bazokwazi yini ukwenza izikhathi ezisheshayo emjahweni i-Absa Run Your City Durban 10km, eThekwini.
Lo mjaho ohlanganisa nebanga lika-5km uzoqala ngo-8 ekuseni usuka kuMasabalala Yengwa Avenue uphelele eDurban Beachfront.
UXaba (30) weBoxer Athletics Club uza kulo mjaho ehambela phezulu njengoba kunguyena odle umhlanganiso kwi-Absa Run Your City Cape Town, ebiseKapa ngoMeyi, ngesikhathi sika-32:00.
Kanti wayelale isithathu kowe-Absa Run Your City Gqeberha, owanqotshwa uJane Chacha waseKenya ngo-Ephreli.
“Ukugcina umgqigqo, ukuzimisela nokuzinikela yikho okungukhiye ekwenzeni kahle kwami. Ngizizwa ngisesimeni esikahle ngokomziba ngenxa yokuziqeqesha ngendlela efanele kusukela unyaka uqala ngoba ngazi ukuthi ngizoba nemijaho eminingi,” kusho uXaba, echaza ngefomu yakhe kusukela kuqale lo nyaka.
Lo mgijmi odabuka eSecunda, eMpumalanga, nguyena ophethe irekhodi laseNingizimu Afrika lika-10km lesikhathi sika-31:12 kwabesifazane aliqophe ngoJulayi nyakenye kuwo lo mjaho eThekwini.
Uyakuqonda ukuthi usengakwazi ukuqopha irekhodi elisha kuleli banga nokubaluleka kokwenza isikhathi esihle esizombekisela indawo ku-5 000m noma ku-10 0000m koweWorld Championships, eTokyo, eJapan, ngoSepthemba.
“Ngifuna ukuzibhalela owami umlando ngilandele ezinyathelweni zo-Elana Meyer, Poppy Mlambo Helalia Johannes ngokuba ngomunye wabagijimi abahamba phambili eNingizimu Afrika,” kuqhuba yena.
UDesta wase-Ethiopia kubukeka kunguyena ongase adlisele ogageni uXaba kulo mjaho njengoba egabe ngesikhathi sika-30:58, kanti akungatshazwa ukuthi le ntokazi izolwela ukwenza isikhathi esishesha kakhulu kulo mjaho njengoba nyakenye kulo mjaho (eThekwini) yashaya isikhathi sika-31:00 ilala isibili.
Ngaphandle kwalezi zibabuli zabagijimi besifazane ezibhekiwe, kwabesilisa kubhekwe abakuleli uStephen Mokoka, Vincent Kipkorir waseKenya, nomunye wakuleli, u-Elroy Gelant, onqobe lo mjaho nyakenye.
I-Absa Run Your City Series igijinywa imilenze emihlanu emadolobheni amahlanu okuyiGqeberha, Kapa, Theku, Pitoli neGoli. Njengoba sekugijinywe eyaseGqeberha naseKapa, owaseThekwini uzolandelwa ngowasePitoli ngo-Agasti 24, kuvale owaseGoli ngoSepthemba 24.
Related Topics: