ISIKHULU seSA20, uGraeme Smith, sithembisa abalandeli okumnandi kodwa kulo mqhudelwano ozoqala ngoDisemba kulokhu.
Image: BACKPAGEPIX
ABALANDELI bekhilikithi bazobhema bakholwe njengoba sekuqinisekiswe ukuthi umqhudelwano olandelayo weSA20 uzoqala ngoDisemba 26.
Lolu suku belujwayele ukusetshenziselwa imidlalo yeqembu lesizwe yeTest kodwa kulo nyaka abalandeli bangalindela imidlalo yeT20.
Isizini ka-2025/26 ye-SA20 izovulwa wumdlalo ozoba phakathi kompetha iMI Cape Town neDurban’s Super Giants yaseThekwini ozoba seNewlands Cricket Ground eKapa.
Lo mqhudelwano uzoze uphele ngoJanuwari 25. Umdlalo wokuqala ozoba seThekwini uzodlalwa ngoDisemba 28 lapho iMI Cape Town izovakashela khona iSuper Giants eKingsmead Stadium.
"Isizini yesine ye-SA20 izoba ngeyehlukile. Siyihlele kahle le midlalo ukuze ihambisane nesikhathi samaholidi kaKhisimusi nokuvalwa kwezikole,," kusho inhloko yabahleli bomqhudelwano, uGraeme Smith.
"Imidlalo izoqala ezindaweni ezingasogwini ezijwayele ukuheha abantu ngamaholidi. Lokhu kuchaza ukuthi imindeni izoba nenye indlela yokuzijabulisa.”
I-SA20 yaqala ngoJanuwari ka-2023, isungulwa yiCricket South Africa ngenhloso yokuvuselela ikhilikithi yasekhaya ngomqhudelwano weT20 ofana neminye emikhulu edlalelwe emazweni ehlukene emhlabeni.
Le ligi inamaqembu ayisithupha, iMI Cape Town, Joburg Super Kings, Pretoria Capitals, Durban’s Super Giants, Sunrisers Eastern Cape, nePaarl Royals.
Ngesizini yokuqala ngo-2023, iSunrisers Eastern Cape yadla isicoco ngokuhlula iPretoria Capitals, yaphinde yasivikela ngo-2024 inqoba iSuper Giants kowamanqamu.
Ngasekuqaleni kwalo nyaka iMI Cape Town ikuqedile ukukhonya kweSunrisers, ithela phansi leli qembu kowamanqamu.
Abafisa ukufakwa ohlwini lwabazodayiselwa kuqala amathhikithi ngaphambi kokuthi avulelwe umphakathi bangabhalisa kwi-website yeSA 20 ku-www.sa20.co.za.