UGAVIN Hunt osethathe izintambo zokuqeqesha kwiDurban City ezobe igijima okokuqala esigabeni seBetway Premiership ngesizini ezayo
Image: BACKPAGEPIX
USIHLALO weDurban City, uFarook Kadodia, uthe ubone kufanele baqoke umqeqeshi osezingeni likaGavin Hunt onamagalelo namava angayiwa kwesokuqeqesha leli qembu ngenxa yezinhloso ezinkulu abanazo esigabeni seBetway Premiership.
UHunt ugcine emenyezelwe ngokusemthethweni izolo njengomqeqeshi emuva kwesikhathi emataniswa neCity. Uzongena esikhaleni sikaSimo Dladla ohlukane neqembu ngoJuni ngemuva kokulikhuphulela esigabeni seBetway Premiership ngokunqoba isicoco seligi yeMotsepe Foundation Championship.
Isolezwe libike ngoMsombuluko ukuthi sekuqedwe konke noHunt obekulindeleke ahlangane nabadlali nabaphathi beqembu ngawo uMsombuluko ngaphambi kokumenyezelwa kwakhe ngokusemthethweni izolo.
"Ziningi izicelo esizimukelile kubaqeqeshi abehlukene abebegaqele isikhundla sokuqeqesha iDurban City, kodwa sibone kufanele ukuthi sithole umqeqeshi onamagalelo namava angangatshazwa esigabeni seBetway Premiership. Yingakho kuyintokozo kithina ukuthi sigcine sikwazile ukuthola umqeqeshi uGavin Hunt, osenqobe izicoco eziningi okubalwa nezeligi yePremiership.
Njengeqembu elinezinhloso ezinkulu, sibone kufanele ukuthi sithole umqeqeshi osezingeni likaHunt ngoba siyiqembu elingazile nje ukuzogcwalisa isikhala esigabeni seBetway Premiership, kodwa elizoncintisana namanye ekulweleni ukunqoba izicoco,” kusho uKadodia, ethintwa yiSolezwe izolo.
Ebuzwa ngephini lomqeqeshi nethimba elizosebenza noHunt, uKadodia uthe: “Sizomemezela maduze ithimba labaqeqeshi, okubalwa iphini nomqeqeshi wonozinti, kanjalo nabadlali esesibasayinisile kanye nalabo esibakhululayo. Okwamanje kunezinto ezithile esisazilungisa ngaphambi kokumemezela ngokusemthethweni. Iqiniso wukuthi sidinga ithimba labaqeqeshi eliqinile nabadlali abanohlonze esizoqinisa ngabo isikwati sethu ukumelana nenselelo yesigaba sePremiership."
Nakuba engqaphaza uKadodia kodwa kusabalele ukuthi uHunt uzojoyinwa nguKaitano Tembo ebhentshini leCity. Kuvela nokuthi uRowen Fernandez uzoba ngumqeqeshi wonozinti. Ngasohlangothini lwabadlali, kuthiwa uHunt uzofika noThulani "Tyson" Hlatshwayo obengukaputeni wakhe kwiSuperSport.
UHunt ongumakadebona kwezokuqeqesha kwiPremiership osenqobe inqwaba yezicoco namaqembu okubalwa kuwo iSupersport United neBidvest Wits, ukhonjwe indlela yiSupersport ngoMashi. Kulindeleke ukuthi abonakale ebhentshini leCity kwiKZN Premier’s Cup okugadulisana kuyona amaqembu ayisithupha aKwaZulu-Natal ayibamba kwiPremier Soccer League (PSL) eRichards Bay Sport Complex ngoJulayi 26 no-27.
Related Topics: