UMSUBATHI wakuleli, uCaster Semenya, olwa nemithetho yeWorld Athletics emvumela ukuthi angakwazi ukuncintisana engayehlisanga i-testosterone emzimbeni.
Image: FACEBOOK / CASTER SEMENYA
INkantolo Yase-Europe yamaLungelo Abantu ikhiphe isinqumo sokuthi iNkantolo ePhakeme yaseSwitzerland ayibenzanga ubulungiswa ngesikhathi inqaba ukulalela izikhalo zomsubathi wakuleli, uCaster Semenya.
Leli cala limayelana nemithetho ye-World Athletics yango-2018 ephoqa abasubathi besifazane abanamazinga aphezulu e-testosterone ngokwemvelo njengoSemenya ukuthi bawehlise ukuze bakwazi ukungenela imiqhudelwano ethile.
Le nhlangano yakwenza lokhu ngoba ikholwa wukuthi laba basubathi banamandla kakhulu uma beqhathaniswa nabanye besifazane abanamazinga aphansi e-testosterone, nokuyinto uSemenya, abanye abasubathi nabanye ongoti abaphikisana nayo.
Ngesikhathi esavunyelwe ukugijima uSemenya wayenza ezibukwayo emjahweni wabesifazane ka-800m kwazise wathola igolide kuma-Olympic ka-2012 eLondon nango-2016 eRio. Waphinde wadla umhlanganiso kathathu kulo mjaho kuma-World Championships.
USemenya, waqala ukufaka icala enkantolo yezemidlalo, iCourt of Arbitration for Sports (CAS), eLausanne ngo-2018, ethi imithetho ye-World Athletics iyabandlulula futhi inobungozi.
I-CAS yasichitha isikhalazo sakhe ngoMeyi ka-2019, wadlulela eNkantolo ePhakeme yaseSwitzerland eyayimisa isikhashana le mithetho kodwa yagcina ilichithile icala lakhe ngoSepthemba ka-2020.
NgoJulayi ka-2023 iNkantolo yase-Europe yamaLungelo Abantu yakhipha isinqumo sokuthi iNkantolo ePhakeme yaseSwitzerland ayiwavikelanga amalungelo kaSemenya ngokuchitha icala ayelifakile.
Uhulumeni waseSwitzerland wadlulisela leli cala esigungwini esikhulu samajaji aleNkantolo yamaLungelo abantu, lalalelwa nyakenye, njengoba isiphinde yaphuma nesinqumo esifanayo nesango-2023.
Le nkantolo ithe nakuba iSwitzerland ingahlangene nemithetho eyabekwa yi-World Athletics kodwa yehluleka ukuvikela uSemenya ngokungamniki ithuba lokwendlala izikhalo zakhe enkantolo.
Ngenxa yalokho, iSwitzerland iyalelwe ukuba ikhokhele uSemenya imali yezindleko zabammeli engu-€80,000 (olinganiselwa ku-R1.66 million).
Nakuba lesi sinqumo singayiguquli imithetho ye-World Athletics kodwa sichaza ukuthi abasubathi bazokwazi ukulalelwa uma bephikisana nemithetho yezemidlalo ababona ukuthi ixhaphaza amalungelo abo.
Kusazobonakala ngokuhamba kwesikhathi ukuthi ithimba labameli bakaSemenya lizobuyela yini eNkantolo ePhakeme yaseSwitzerland ukuyoqhubeka nokulwa nemithetho ye-World Athletics esiphazamise inqwaba yabasubathi besifazane abanezinga eliphezulu le-testosterone njengoFrancine Niyonsaba, Beatrice Masilingi, Christine Mboma nabanye.
Related Topics: