USIYABONGA Malinga ongusihllo nomqeqeshi weSunflower Women's Football Club ungomunye wabangeneme ngokusweleka kwabaxhasi ebholeni labesifazane.
Image: SUNFLOWER WFC
ABAPHATHI bamaqembu adlala kwiSafa KwaZulu-Natal Sasol League sebezwakalise ukushaqeka nokukhathazeka ngokuvela kwezindaba zokuphela kwesivumelwano sabaxhasi bale ligi, iSasol, neSafa phezu kokuba besakweletwa izishaqane zemali yile nhlangano ephethe ibhola.
NgoLwesithathu, abeSasol bakhiphe isitatimende esiqinisekisa ukuphela kwesivumelwano sabo neSafa sokuxhasa iSasol League neqembu lesizwe iBanyana Banyana ebesesidonse iminyaka engu-16.
Nokho, kulesi sitatimende abeSasol bakuvezile ukuthi nakuba sesiphelile isivumelwano sabo neSafa ngoJuni 30, kodwa basalinde ukuzwa uhlangothi lwayo ngemibandela yokuvuselela inkontileka.
Kwenzeka lokhu nje ngoMgqibelo odlule, abadlali beBanyana bashaye itoyitoyi benqaba ukujima besanda kufika eMorocco, besekhempini yabo yokulungiselela ukuqala komqhudelwano weWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon) oqala namuhla usongwe ngoJulayi 26, kuleliya lizwe.
Usihlalo futhi ongumqeqeshi weSunflower WFC, uSiyabonga Malinga, uthe bakhathezeke kakhulu ngokuphela kwesivumelwano seSasol neSafa ngenxa yamagalelo ale nkampani ekuthuthukiseni ibhola labesifazane kuleli kusukela yaqala ukuxhasa le ligi yebhola labesifazane ngo-2009.
“Kubuhlungu kakhulu ukuvela kwalezi zindaba zokuphela kwesivumelwano seSasol neSafa ngoba lokhu kusho ukuthi sizodonsa kanzima ngempela ngaphandle kwabaxhasi kule ligi yethu.
"ISasol yenze omkhulu umehluko ekukhuleni kwebhola labesifazane lapha eNingizimu Afrika, lithuthuke kakhulu uma kuqhathaniswa nesikhathi esedlule,” kusho uMalinga, osengumakadebona ekuphathweni kwebhola labesifazane KwaZulu-Natal.
“Nokho, iSafa kufanele izinuke amakhwapha ngalokhu okwenzekayo manje. Kumasizini amabili edlule asiyitholi imali yesibonelelo sezindleko zokuhamba nemali yemihlomulo etholwa ngamaqembu ayisishiyagalombili aqede ephezulu kwi-log.
"Kumanje sikweleta omashonisa nezimoto ezisithwalela abadlali uma siya emidlalweni, asazi ukuthi kumele senzenjani,” kuqhuba uMalinga.
UWeisy Mothoalo oyimenenja yeNewcastle Chess, naye ukhala esifanayo ngosizi ababhekene nalo.
“Kunje nje, yingoba imali okufanele ize emaqenjini iyajikeleza kwiSafa, bese ifika kithina isincozuliwe. Ngenyanga edlule nje sinikwe (yiSafa) o-R10 000 esingatshelwanga ukuthi abani, ekubeni kusenemali eningi kabi esisakweletwa yona.
"Namanje asikayitholi imali yangesizini edlule. Uma ngisusa lo R10 000 esinikwe wona ngoJuni, iSafa isikweleta u-R32 000 wemali yesibonelelo sezindleko zokuhamba, bese kuzoba u-R30 000 wokuqeda kwethu endaweni yesibili kumaPlay-Offs esifundazwe,” kusho uMothoalo.
Ethintwa yiSolezwe oyisikhulu esiphezulu kwiSafa, uLydia Monyepao, akatholakalanga ocingweni, wathunyelelwa nemibuzo nge-email okushaye isikhathi sokuloba engakaphenduli.