IHHASHI u-Oriental Charm ngesikhathi linqoba iHollywoodbets Durban July ngonyaka odlule.
Image: KHAYA NGWENYA
LIKHULU ithemba lokuthi ihhashi eladla umhlanganiso kwiHollywoodbets Durban July ngonyaka odlule, u-Oriental Charm, angaphinde akhonye kulo mjaho namuhla ngokusho kwabaqeqeshi baleli hhashi.
Lo mjaho omkhulu ozoba ngowesikhombisa osukwini, uzoqala ngo-4pm eHollywoodbets Racecourse, eThekwini.
U-Oriental Charm wanqoba lo ephuma esangweni lika-11 ngonyaka odlule, egitshelwe uJP van der Merwe. Uzobuya nojokhi ofanayo nakulokhu, eqhamuka esangweni lokuqala.
Selokhu lo mqhudelwano wasungulwa ngo-1897, mahlanu amahhashi aseke anqoba iminyaka ilandelana. Lawa mahhashi nguCampanajo, Corriecran, Milesia Pride, El Picha no-Do it Again, onqobe ngo-2018 nango-2019.
UTim Woodruff, ongumsizi womqeqeshi ka-Oriental Charm, uJames Crawford, uthe banethemba lokuthi leli hhashi lizophinde libe nomjaho omuhle.
"Kusobala ukuthi kunzima ukuthi ihhashi linqobe lo mjaho iminyaka ilandelana kodwa u-Oriental uyihhashi elisezingeni eliphezulu. UJames unethemba ngendlela amalungiselelo ahambe ngayo. Ubegijima kahle futhi sijabule kakhulu ngo-Oriental. Kuzofanele amanye amahhashi asebenze ngempela ukuze amphuce isicoco," kusho uWoodruff.
Ngaphandle kuka-Oriental Charm, isitebele sikaCrawford, siqeqesha elinye ihhashi elizobe liyingxenye yalo mjaho onesiteki sika-R5 million, uPomodoro’s Jet, ozoqala esangweni yesishiyagalolunye.
"Amahhashi asesimweni esihle kanti nomzila okuzogijinywa kuwona ubukeka umuhle. Ngijabule kakhulu ngamahhashi ethu. UPomodoro’s Jet naye usesimweni esihle noma engakwazanga ukungenela imijaho eminingi ngaphambi kweDurban July,” uqhube kanje uWoodruff.
“Ngesikhathi sixoxa noJames sike sakhathazeka kancane ngokududulana kwamahhashi ngasekuqaleni komjaho, ezama ukuzibeka endaweni engcono. U-Oriental uphuma ngesivinini esangweni, nokungamsiza ukuthi agweme ukuphazamiseka, kanjalo noPomodoro.
“Uma singagwema lo mbango oba khona ngasekuqaleni komjaho, ngicabanga ukuthi kuzosihambela kahle. Siyethemba ukuthi ngeke kube wumjaho onezinxushunxushu.”
Ihhashi elithishwa ngongoti abaningi ukuthi ligqashule intambo namuhla ntmbama u-Eight On Eight on 18 ozoqala esangweni, lika-11, egitshelwe umakadebona, uRichard Fourie.
Related Topics: