Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

ElaseKZN engcupheni yokubuya nenduku yombangandlala kweyeMotsepe

Sibusiso Mdlalose|Published

UBONGUMUSA Zaca weMidlands Wanderers noSamkelo Ngubane weThe Bees emdlalweni wamaPlay-Offs kazwelonke eSafa ABC Motsepe League, eGiant Stadium, eSoshanguve, izolo ntambama

Image: BACKPAGEPIX

IMIDLANDS Wanderers izibeke engcupheni yokuphuma ngomzuliswano wokuqala kumaPlay-Offs kazwelonke eSafa ABC Motsepe League iguqiswa ngo 1-0 yiThe Bees yaseMpumalanga emdlalweni kaGroup A, eGiant Stadium, eSoshanguve, ePitoli, ngoLwesithathu. 

IMidlands ebibuye nephuzu emdlalweni wokuqala ngoMsombuluko ibambana ngo 1-1 neZizwe United, ibisidinga amaphuzu aphelele emdlalweni wangoLwesithathu ne-The Bees ukuqinisekisa ukwedlulela kwayo emzuliswaneni olandelayo weyandulela owamanqamu.

Nokho ukwehlulwa kwayo sekukhomba ukuthi kufanele ithandazele ukwehlulwa kweZizwe yi-The Bees ngamagoli amabili nangaphezulu emdlalweni wangoLwesine wokugcina kaGroup A ukuze idlulele emzuliswaneni olandelayo.

Ukuphumelela kweThe Bees sekusho ukwedlulela kweyandulela owamanqamu njengoba kuyiyona esiqhwakele kuGroup A ngamaphuzu amathathu. Lokhu kusho ukuthi izobe isidlalela ukuqedela imidlalo yesigaba samaqoqo uma isibhekene neZizwe edinga ukuwina ukuze ibe yiqembu lesibili kuleli qoqo elizodlulela emzuliswaneni olandelayo. 

Ngaphambi kokuqala kwemidlalo yangoLwesithathu, iSafa ikhiphe isitatimende iqinisekisa ukuthi isinqume ukuqhubeka nemidlalo ngaphandle kwamaqembu asenemidonsiswano, ukugwema ukubambezeleka kwayo okungenasidingo nokuhlonipha abaxhasi.

Lawo ngamaqembu ase-Eastern Cape nawaseLimpopo asaqulisana amacala kubangwa azoya kuma-Play Offs. 

Lokhu kuholele ekutheni le midlalo yokuhlunga amathathu azokhushulelwa esigabeni seMotsepe Championship, idlalwe ngayisikhombisa esikhundleni sayisishiyagalolunye njengokujwayelekile. 

Phezu kokuba iSafa kuzwelonke isikuqinisekisile ukuthi isiwashiye ngaphandle amaqembu asenemidonsiswano, iSafa Limpopo ikhiphe isitatimende esithi izothumela iMpheni Home Defenders kule midlalo yokuhlunga, yize bese siphumile isinqumo sokuthi alikho iqembu lakulesi sifundazwe elizodlala. 

Kube ngesifanayo naseqenjini lase-Eastern Cape, iSinenkani FC, elingelinye lasaqhubeka nomdonsiswano wamacala, likhiphe esalo isitatimende lifunga ukuthi lizolwa nesinqumo seSafa ngoba inkantolo ivune lona ngoLwesibili liyomela isifundazwe.

Ngakolunye uhlangothi, ngenxa yokushoda kwamaqembu kuGroup B no-C, iThames FC yaseNorth West eguqise iKakamas Juventus ngo 2-1, neGomora yaseGauteng enenebule i-African Warriors ngo 3-0 ngoLwesithathu, sebezibekisele indawo kweyandulela owamanqamu njengoba sebeyisongile eyabo imidlalo.

Imiphumela yangoLwesithathu yamaPlay-Offs kazwelonke eSafa ABC Motsepe League: 

Gomora 3-0 African Warriors; Midlands Wanderers 0-1 The Bees