Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UMatsunyane ubheke impinda kwiDurban July

Xolile Mpisane|Published

UKABELO Matsunyane ofisa ukuphinde aphume phambili kwiHollywoodbets Durban July yanonyaka

Image: Isithombe: SIGCINIWE

UZIBONA esethubeni lokuphinde adle umhlanganiso kwiHollywoodbets Durban July yanonyaka ngoMgqibelo ozayo omunye wojokhi abahamba phambili kuleli, uKabelo Matsunyane.

Lo jokhi (26) wanqoba lo mjaho wamahhashi ohamba phambili kwizwekazi i-Afrika egibele ihhashi uSparkling Water ngo-2022.

Kulo nyaka uzobe egibele uPurple Pitcher emjahweni omkhulu eHollywoodbets Greyville Racecourse. 

“Ngiyethemba ukuthi ngingawunqoba lo mjaho omkhulukazi futhi ngiwubheke ngabomvu. Umuzwa wokunqoba iDurban July yinto engingeke ngikwazi ukuyichaza ngoba yiwona mjaho wonke umuntu ongujokhi kuleli afuna ukuwunqoba,” kusho uMatsunyane.

“Ingcindezi ihlezi ikhona. Kumele sikhumbule ukuthi abanikazi bamahhashi bakhipha itshe lemali uma bewathenga nangesikhathi bengenela lo mjaho. Yingakho kufanele uzimisele ukuze noma unganqobanga babone ukuthi wenze konke okusemandleni. 

"Le ngcindezi kufanele ikukhuthaze, ingabi umthwalo osindayo emahlombe ongahle uholele ekutheni wenze amaphutha. Ekugcineni amahhashi afana nazo zonke izinhlobo zemidlalo, namahhashi anomqondo wawo, kungenzeka noma yini emjahweni."

UMatsunyane noPurple Pitcher bazoqala iDurban July esangweni lika-12, okuyindawo lo jokhi athe ayiyinhle kangako, kodwa ukholwa wukuthi uma esebenzisa isipiliyoni sakhe nobudlelwano obuhle anabo nehhashi lakhe bazokwazi ukuzibeka endaweni enhle maphakathi nomjaho.

"Akusiyona indawo ebesiyifisa kodwa futhi besingathola engeyinhle kakhulu kunalokhu. Kufanele sithole indlela ezosisebenzela ngayo le ndawo. Ngizozama ukubeka ihhashi lami endaweni engcono uma sesiphakathi, sibone ukuthi sizophelelaphi,” uqhube kanje.

"Ngimazi kahle uPurple Pitcher futhi sesike sanqoba imijaho ndawonye. Uyihhashi elizimiselayo, elilwa kuze kube sekugcineni. Unakho konke okudingekayo ukuze sinqobe lo mjaho. Ubudlelwano phakathi kukajokhi nehhashi bubalulekile kakhulu ngoba kumele ukwazi elikuthandayo nelingakuthandi. Kumqoka nokuthi uhlaziye amahhashi ozoqhudelana nawo ukuze uqhamuke nesu elihle lokunqoba.”

Njengomunye wojokhi abamnyama abahamba phambili, uMatsunyane uyawuqonda umthelela wempumelelo yakhe ekukhuliseni lo mdlalo wamahhashi emiphakathini lapho usabonakala khona njengephupho elikude.

"Kubalulekile ukuthi thina esesiphakathi kwezamahhashi sikhuthaze abantu abasha. Kuyathokozisa ukubona inkampani enjengeHollywoodbets yenza umsebenzi omuhle ekusizeni intsha ukuthi ifundele ukuba ojokhi, abanakekeli bamahhashi nokunye,” uphethe kanje uMatsunyane.