UMDLALI weHollywoodbets Sharks, uVincent Tshituka, ozodlalela amaBhokobhoko okokuqala uma esebhekene namaBarbarians eKapa namuhla ntambama.
Image: BACKPAGEPIX
UKUCHAZE njengokufezeka kwephupho leminyaka ukungena eqenjini lesizwe lombhoxo umdlali waphambili weHollywoodbets Sharks, uVincent Tshituka.
Lo mdlali (26) uzogqoka ijezi lamaBhokobhoko okokuqala ngqa uma esedudulana namaBarbarians eDHL Stadium eKapa namuhla ngo-5.10 ntambama.
Wazalelwa eDemocratic Republic of Congo kodwa wafudukela eGoli nomndeni wakhe esemncane.
Wafunda eNorthcliff High School ngaphambi kokujoyina iqembu laseGauteng, iLions, ngo-2018.
Waziwa kakhulu ngokuthwala ibhola uma ehlasela kanye namandla akhe uma emaka. Ujoyine iSharks ngo-2022 kanti eminyakeni edlule ubengomunye wabadlali bayo abahamba phambili.
Ubizelwe kumaBhokobhoko ngemva kokuthola amaphepha obuzwe amgunyaza ukuthi adlalele iqembu lakuleli kuwona lo nyaka.
“Kuyiphupho lanoma ngubani odlala umbhoxo ukudlala kuleli zinga Ukuzilolonga naleli qembu kukodwa kusho lukhulu ngoba kuningi okufundayo okwenza ube ngumdlali ongcono. Angikwazi ukuyichaza indlela engijabule ngayo ngesikhathi ngithola ukuthi ngizodlala umdlalo wami wokuqala kumaBhokobhoko,” usho kanje uTshituka.
Lo mdlali uzoba ngomunye wabazalelwa kwamanye amazwe abagcina bemele iNingizimu Afrika enkundleni yombhoxo.
Kulolu hlu kubalwa uTendai “Beast” Mtawarira owazalelwa eZimbabwe, uPercy Montgomery owazalelwa eNamibia nabanye.
"Ukugqoka leli jezi kuyinto ekhethekile. Akufezi iphupho lami kuphela nelomndeni wami kanye nabo bonke abantu abangesekile ohambweni lwami,” uqhube kanje uTshituka.
"IKapa liyaziwa kakhulu ngabalandeli abagcwalisa inkundla futhi silindele okufanayo kulo mdlalo. Into engiyibheke kakhulu wukuthi ngigxile ekudlaleni kahle. Nakuba kungewona umdlalo osemthethweni kodwa kuzobe kusondele kakhulu futhi yithuba elihle lokubhekana nabadlali abasezingeni eliphezulu. Ngiwubheke ngabomvu umdlalo.”
Umfowabo kaVincent, u-Emmanuel, odume ngelikaManu, naye udlalela iSharks futhi angase agcine ewadlalele amaBhokobhoko esikhathini esizayo njengoba esewatholile amaphepha amvumela ukuthi adlalele iNingizimu Afrika.
Related Topics: