UMSHWIBI wamaProteas, u-Ayabonga Khaka, nokaputeni uLaura Wolvaardt emdlalweni wokugcina weT20 neWest Indies.
Image: X / PROTEAS WOMEN
UKHOLWA wukuthi bathole izifundo abebezidinga ohambweni lwabo lwaseWest Indies umqeqeshi weqembu lesizwe labesifazane, uMandla Mashimbyi.
AmaProteas anqobe uchungechunge lwe-One-Day International ngo 2-1, kodwa ashaywa ngo 2-1 kolwe-T20.
UMashimbyi uthe bazohlaziya babone abakwenze kahle nalapho okufanele bathuthuke khona. Ugculisekile ngendlela iqembu elishwibe ngayo kodwa ubona lidinga ukukhuphula izinga ngasekubhetheni.
Yize kunjalo, kumjabulisile ukubona abadlali abehlukene beshaya ama-run emidlalweni ehlukene, okusho ukuthi iqembu linabadlali abaningi abangalisiza linqobe imidlalo emiqhudelwaneni ezayo.
“Asikwazanga ukushesha sijwayele izimo ebesidlala ngaphansi kwazo. Into emqoka kithina njengamanje wukufunda, ngakho-ke sizothatha zonke izifundo esizithole kule midlalo sithole amasu angcono esingawasebenzisa uma sibhekene nazo zonke izinhlobo zokushwiba,” kusho uMashimbyi.
“Ikhilikithi injalo, abanye abadlali bathwala kanzima, abanye benza kahle. Okujabulisayo ngaleli qembu njengamanje wukuthi siyazi ukuthi sinabadlali abaningi abakwaziyo ukubhetha, asisathembele kumdlali oyedwa noma ababili.”
Le midlalo ibiyingxenye yamalungiselelo e-ICC Women’s World Cup yemidlalo yama-over angu-50 ezokuba se-India naseSri Lanka kusukela ngoSepthemba kuya kuNovemba. AmaProteas azodlala umdlalo wawo wokuqala wamaqoqo ne-England ngo-Okthoba 3.
UMiane Smit, oshaye ama-run angu-59 emabholeni angu-38 emdlalweni wokugcina weT20 ne-West Indies, naye ugcizelele ephuzwini lokufunda emaphutheni abawenzile njengoba sekusele izinyanga ezimbalwa kuqala iNdebe yoMhlaba.
"Sihlulekile ukushaya ama-run anele emdlalweni wokugcina ngakho-ke ngicabanga ukuthi sonke siphoxekile. Ziyenzeka lezi zinto uma kudlalwa uchungechunge. Ziningi izifundo okufanele sizithathe kodwa ngicabanga ukuthi bekuyindlela enhle yokulungiselela iNdebe yoMhlaba," usho kanje.
AmaProteas akhishwa yi-England kowandulela owamanqamu eNdebeni yoMhlaba ye-ODI eyayiseNew Zealand ngo-2022.
Related Topics: