UJENET Mbhele emukela umklomelo wakhe kuNontuthuko Mashimane weComrades Marathon Association emcimbini wokuklonyeliswa kwabagijimi
Image: SIBUSISO MDLALOSE
UJENET Mbhele obe ngumgijimi wokuqala wesifazane ompisholo ozuze igolide amahlandla amathathu iminyaka ilandelana kwiComrades Marathon usenyukelwe yithemba lokuthi usengawunqoba lo mjaho ngenxa yokuthi usewuqonda kangcono.
UMbhele (30) odabuka eWhite City, eMzimkhulu, uvikele isithunzi sezintokazi zaKwaZulu-Natal kwiComrades yebanga lika-89.98km, ethatha indawo yesikhombisa ngesikhathi esingu-6:14:24 kulo mjaho onqotshwe nguGerda Steyn ngesikhathi esingu-5:51:19 ngeSonto, kwehliwa kusukwa eMgungundlovu kubhekwe eThekwini.
Ukuthatha indawo yesikhombisa kulo mjaho kusho ukwenza kangcono kukaMbhele ogijimela uMzimkhulu Striders nokwenyuka kwezinga kulo mgijimi. Eqala ukugijima iComrades ngo-2023, wangena endaweni yeshumi ngesikhathi esingu-6:27:13, nyakenye wathatha indawo yesishiyagalombili ngo-6:16:24.
“Ngijabule ngendlela engigijime ngayo kulo nyaka kwiComrades futhi lokhu kuyangikhuthaza kakhulu kunakuqala ekuqhubekeni nokusebenza ngokuzikhandla. Ngibonga kakhulu kumqeqeshi wami, uThamsanqa Khuboni, ngokuzinikela kwakhe phezu kokuba matasa kodwa ezinika isikhathi sokungiqeqesha. Ngaphandle komqeqeshi wami, ngibonga nomndeni wami ngokungeseka kwawo, kangangokuthi beze okokuqala ukuzongibuka bukhoma ngigijima esikhundleni sokungibuka kwi-TV, besuka ekhaya eMzimkhulu, kanjalo nabalandeli bami nabo abebelokhu bengeseka bengithumelela nemiyalezo yokungifisela impumelelo.
"Lokho kungikhuthaze kakhulu ngaphambi komjaho, phezu kokuba benginalo uvadlwana okuyinto ejwayelekile kunanoma yimuphi umgijimi ngaphambi komjaho,” kusho uMbhele, obonge nebandla lakhe Ukhozi Apostolic Church of God.
UMbhele noBongumusa Mthembu, othathe indawo yesishiyagalombili kwabesilisa wazuza negolide lakhe lika-11 kwiComrades, bahlomule ngo-R62 000 no-R54 000 ngokwehlukana. Baphinda bagixabezwa ngo-R60 000 umuntu ngamunye, ophuma eMnyangweni wezeMidlalo esifundazweni oholwa nguMphathiswa uMntomuhle Khawula.
“Ngikholwa wukuthi iComrades sengiyiqonda kangcono manje futhi nokulandela kwami imiyalelo yomqeqeshi nokuhlela kwethu naye izinto, kuyangilekelela kakhulu. Izinga lami lokuzethemba liyanyuka nokungenza ngikholwe wukuthi akukho okungangihlula ekuwunqobeni lo mjaho eminyakeni embalwa kusukela manje uma ngiqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla,” kuqhuba uMbhele.
Related Topics: