Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Uthembisa ukubeka phambili ukuthuthuka kwezokugijima obuyele kwesokuhola iKZNA

Sibusiso Mdlalose|Published

USTEVE Mkasi ophinde wakhethwa okwehlandla lesibili ekubeni ngumengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) wethembisa ukubeka eqhulwini ukuthuthukiswa kwezokugijima esifundazweni

Image: DURBAN INTERNATIONAL MARATHON SUPPLIED

USTEVE Mkasi obuyiselwe esikhundleni sokuba ngumengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) okhethweni obelungempelasonto uthembisa ukuqhubeka lapho egcine khona ekuholeni le nhlangano yezokugijima esifundazweni njengoba esethatha ihlandla lesibili.

UMkasi udle umhlanganiso okhethweni lweKZNA obelungoMgqibelo eWestville, eThekwini, ehlula ngamavoti abebanga nabo isikhundla sokuba ngumengameli okunguSello Mokoena, Mandla Mngomezulu, Chris White noRomeo Hulane.

Kulolu khetho amanye amakilabhu awawathumelanga amagama abantu abazovota okuholele ekutheni ukhetho luqale sekuhambe isikhathi, njengoba kuthiwa wonke amakilabhu atshelwa ukuba athumele amagama abantu abazokuba yingxenye yokhetho kodwa abanye abangakwenza lokho. 

Phakathi kwamakilabhu okuvela ukuthi kawakwazanga ukuvota kulolu khetho iHollywood Athletics Club, Phantane neMaxed Elite. 

UKhulezweni “Khura” Buthelezi obengusihlalo weTrack and Field, nguyena okhethwe kwesokuba yiphini likamengameli (Mkasi), ethatha isikhundla ebesiphethwe nguMngomezulu.

USibongile Nxumalo ukhethwe kwesokuba ngusihlalo weTrack and Field, uMandla Makhathini wakhethwa kwesokuba ngusihlalo weRoad Running, kwathi uSandile Mthembu noSabelo Ndlovu babuyela ezikhundleni zabo zokuba ngosihlalo be-Athletes Commission nakwiCroos Country ngokwehlukana. 

“Ngijabule kakhulu ngokuthenjwa ngamakilabhu ukuhola iKZNA ihlandla lesibili. Ngibonga kakhulu kumakilabhu ngokuphuma ngobuningi bawo ezokhetha umholi wawo omusha okuyimina.

Ukuvotela abaholi into ekuMthethosisekelo wezwe lethu. Ngakho-ke noma ngubani uyakwazi ukungenela ukhetho, anginanxa nozakwethu ebesingenele nabo umjaho wokuhola iKZNA.

Okubalulekile manje ukuthi sisebenze ukuthuthukisa ezokugijima esifundazweni. Manje yisikhathi  sokuthi siphindele emuva siyosebenza. 

Kumanje kunesikhungo esiphezu kokwakhiwa kwaso nemeya yaseHarry Gwala, uZamo Nxumalo, kanti futhi kunezingxoxo ebesinazo nebhodi ephumayo nesikhundo sezemfundo ephakame, iDUT sokusiza abagijimi abangama-elite,” kusho uMkasi.

UMkasi owathatha izintambo zokuba ngumengameli weKZNA ngo-2021 kuMokoena, okhethweni obelusekuqaleni kukaJuni lwe-Athletics South Africa (ASA), ubengenele esokuba yiphini likamengameli kodwa wakhala ngaphansi nozakwabo uMokoena no-Aleck Skhosana obengenele esikamengameli, kwaphumelelo uJames Moloi obuyiselwe ekwengameleni le nhlangano okwehlandla lesibili. 

Khonamanjalo, kuvela ukuthi kunamakilabhu angeneme ngendlela oluqhutshwe ngayo ukhetho lweKZNA ngempelasonto, akhala ngogcobho, kangangokuthi asethathe isinqumo sokuya enkantolo.