Farook Kadodia
Image: Sigciniwe
USIHLALO weDurban City, uFarook Kadodia, uveza ukuthi noma iPremier Soccer League (PSL) ingakasho lutho ngezinhlelo zokunikezwa kwabo ngokusemthethweni indebe yeMotsepe Foundation Championship ngokuba ngompetha beligi, kodwa bazoqhubeka nezinhlelo zabo zokulungiselela isizini ezayo kwiBetway Premiership.
UKadodia ukusho lokhu izolo kulandela ukuphuma phambili kwezakhe ngoMsombuluko zitholwa zingenacala ngumahluleli weSouth African Football Association (Safa) ngamacala ebezibhekene nawo okumangalelwa ngamaqembu amabili, iJDR Stars neCape Town Spurs, ngomdlali uSaziso Magawana.
Umahluleli weSafa, u-Adv Hilton Epstein SC, uwachithe nezindleko la macala.
ICity eqede ihlezi phezulu kwi-log yeChampionship, kayinikezwanga indebe ngoMeyi 18, ngemuva kokuguqisa iCape Town Spurs ngo 1-0 emdlalweni wokusonga isizini ka-2024/25, e-Athlone Stadium, eKapa.
La maqembu abesola uMagawana ngokungabhaliswa ngokusemthethweni ekusukeni kwakhe kwiMarumo Gallants ngaphambi kokuqala kwesizini edlule.
“Okwamanje iPSL ayikasho lutho ngokusinika indebe yethu (iMotsepe Championship) nezindondo, sisalindile.
Kodwa lokho akusivimbi ekuqhubekeni nezinhlelo zethu zokuhlelela isizini ezayo. Ngakho sizoqhubeka nezinhlelo zethu ngoba akusekho okusivimbayo manje ngoba isinqumo sikamahluleli sivune thina, asinacala.
Bengilokhu ngisho ukuthi asinacala, konke sakwenza ngendlela efanele. Ngakho besivele singenalo uvalo,” kusho uKadodia ekhuluma neSolezwe.
Nokho uvumile ukuthi leli cala ebese lidonse amasonto amabili libaphazamisile abadlali, yize bezamile ukubaqinisa idolo. Uthe yingakho sebemagange ngokunikwa indebe bayithokozele, bese bebanika isikhathi sokushaywa ngumoya nemindeni yabo.
Ebuzwa ngekusasa lethimba labaqeqeshi eliholwa nguSimo Dladla, uKadodia uthe uyakholelwa kulona.
“Engingakuqinisekisa kuwe wukuthi ngiyakholelwa kuleli thimba lethu labaqeqeshi elenze umsebenzi oncomekayo, ngakho sisazohlala sihlele ngezinhlelo zesizini ezayo. Kodwa imininingwane eminingi sizokhuluma ngayo ngesonto elizayo ukuhlahla indlela eya phambili ngezihlelo zeqembu,” kuqhuba uKadodia, ongathandanga ukudalula okuningi.
I-JDR iqede isizini isendaweni yesikhombisa kwi-log yeChampionship, kanti iSpurs iqede endaweni ka-15. Lokhu kusho ukuthi iSpurs igawulwa yizembe ngokusemthethweni, yehkela esigabeni sama-amesha iSafa ABC Motsepe League. Ukudonsa kwaleli cala sekubambezele ukuqala kwama-Play Offs ePSL adlalelwa ngamaqembu amabili eChampionship nelePremiership, obekumele aqale ngoMeyi 27 asongwe ngoJuni 14.
I-Orbit College neCasric Stars abaqede endaweni yesibili neyesithathu ngokulandelana kwi-log yeChampionship, bazodlala amaPlay-Off neCape Town City eqede endaweni ka-15 kwi-log yePremiership.
Related Topics: