ULOVENESS Madziva ongomunye wabagjimi besifazane abangaphansi kweHollywood Athletics Club abahoxile ngenxa yokulimala
Image: LOVENESS MADZIVA FACEBOOK
IZOYA kwiComrades Marathon ixhugela ikilabhu yabagijimi, iHollywood Athletics Club, kulandela ukuhoxa kwabanye babagijimi bayo abamqoka kwabesifazane, uLoveness Madziva noMakhosazane Mhlongo ngenxa yokulimala.
Lokhu Isolezwe likuzwe ngoGeorge Sithole ongumxhumanisi wale kilabhu nomphakathi, njengoba ivivela ukuyoyibamba kwiComrades ngeSonto.
IComrades yanonyaka yebanga lika-89.98km, izogijinywa kwehliwa kusukwa eMgungundlovu kubhekwe eThekwini, ngeSonto.
“Siphatheke kabi ngokuphoqeleka ukuhoxa kwabagijimi bethu ababili besifazane, uLoveness Madviva noMakhosazane Mhlongo ngenxa yokulimala ngoba sikholwa wukuthi ukubamba kwabo iqhaza bekuzokwenza umehluko kulo mjaho weComrades Marathon esiya kuwo ngeSonto.
Okusikhathaza kakhulu ngokulinyalelwa kwethu yilaba bagijimi wukuthi vele siyashoda ngabagijimi besifazane bebala elimnyama, ngakho lokhu kusho ukugqemeka ingozi kithina.
Kodwa siyethemba ukuthi ekululameni kwabo bazobuya ngomfutho babambe iqhaza kweminye imijaho ezayo,” kusho uSithole.
UMadziva odabuka eZimbabwe othathe indawo ka-13 kwiComrades nyakenye, uqede kweyesithathu kwiTotalsports Two Oceans Marathon yebanga lika-56km.
Ngaphandle kukaMadziva, omunye umgijimi weHollywood Club ohoxile, uNkosikhona “Pitbull” Mhlakwana kwabesilisa.
UMhlakwana othathe indawo ka-13 kwiComrades yanyakenye, uhoxe ngesizathu sokuthatha ikhefu emijahweni yamabanga amade ngenhloso yokugxila kweyamabanga amafishane ukuze enyuse izinga kuyo.
“UMhlakwana uzogxila ekwenyuseni izinga emijahweni yamabanga ka-42km. Kumanje ulungiselela eminye imijaho azobamba iqhaza kuyona maduzane, okubalwa neSoweto Marathon (ngoNovemba). Kukhona neminye imijaho yangaphandle kwaleli ahlela ukubamba iqhaza kuyona."
Kodwa eminyakeni embalwa ezayo uzobuyela ayoyigijima iComrades, nesethemba ukuthi uzobuyela kuyona esekulungele kangcono ukuyigiima,” kuqhuba uSithole.
Ngaphandle kwabagijimi bayo abahoxile, iHollywoods igabe ngabagijimi abanohlonze besifazane ababhekwe kakhulu kwiComrades yanonyaka, okunguGerda Steyn, Irvette van Zyl noCourtney Olsen wase-USA. USiphamandla Seme noLindelani Mjwara, kwabesilisa.
USteyn osenqobe iComrades iminyaka ilandelana ngo-2023 nango-2024, nguyena ophethe amarekhodi abesifazane kwiComrades njengoba ephethe elika-5:49:46 kukhushukwa, nelika-5:44:54.
Kanti kwiComrades yanonyaka uSteyn uzobe egijima okokuqala noVan Zyl ekilabhini eyodwa njengoba abevame ukuqhuthana naye kweminye imijaho okubalwa kuyo iTwo Oceans beyizimbangi.
Kanti uSeme olale endaweni ka-11 ngo-2023, walala kweka-17 nyakenye, kubhekeke ukuba enyuse izinga emjahweni wanonyaka.
Related Topics: