INEWCASTLE Warriors yaseNewscastle iphakathi kwamaqembu angu-11 azomela izifundazwe zeSafa KZN kuma-Play Offs esifundazwe eHollywoodbets Men's Regional League ngoJuni 13-15, ePort Shepstone
Image: NEWCASTLE WARRIORS FACEBOOK
USIHLALO weNewcastle Warriors ezomela isifunda, Amajuba, kuma-Play Offs eSafa KwaZulu-Natal Hollywoodbets Men’s Regional League, ukholwa wukuthi sesifikile isikhathi sokuthi lesi funda sibe neqembu elikhushulelwa kwi-ABC Motsepe League.
UJustice Sithole owazakhela igama esadlala kwiKaizer Chiefs eminyakeni edlule, ungumnikazi waleli qembu elizomela Amajuba kule midlalo yesifundazwe yokuhlunga amaqembu amabili azokhushulelwa esigabeni seSafa KZN ABC Motsepe League.
Le midlalo okuzoqhuthana kuyona amaqembu angu-11 avela ezifundeni zeSafa KZN, izodlalelwa ePort Shepstone, ngoJuni 13-15.
“Kade sasilifuna leli thuba kodwa kungenzeki ngokufisa kwethu, ngakho sibonga uNkulunkulu. Khona siyazi ukuthi akuzukuba lula kule midlalo esiya kuyona ngoba mabili kuphela amaqembu azophumelela kodwa njengoba sesigcine sikwazile ukulithola leli thuba, sekuyisikhathi sokuthi siyolwela ukukhuphukela kwesinye isigaba.
Emiqondweni yethu kusukela ngosuku lokuqala sisungula leli qembu, inhloso yethu kwakuwuthi silibone likhuphukela kwesinye isigaba ukusuka kulesi elikusona,” kusho uSithole.
USithole usungule iWarriors ngo-2017 ngemuva kokuthenga isitifiketi seKhananites yaseMadadeni, eNewcastle, eyayidlala kwiSafa Amajuba SAB Regional League (esiyiHollywoodbets).
Amaqembu asesifundeni iMajuba sekuphele amasizini angaphezulu kuka-14 ephuma inqina kamabuyaze kuma-Play Offs esifundazwe eRegional League. Kwagcina ngeMajuba United engasekho ngesizini ka-2009/09 ukuba neqembu eliphumelelayo kule midlalo yesifundazwe yokuhlunga.
Lokhu kuze kwaholela ekutheni izikhulu zamaqembu akulesi sifunda zithenge izitifiketi zamaqembu eMotsepe League. EzeNewcastle All Stars zathenga isitifiketi seReal Kings yaseHammarsdale, ezeChess FC zathenga eseHappy Wanderers yasePort Shepstone. Nokho, i-All Stars idliwe yizembe ngesizini edlule, yehlela kwiHollywoodbets.
“Asizazi izizathu zokungaphumeleli kwamanye amaqembu abemele iMajuba kuma-Play Offs kumasizini edlule. Kodwa engingakusho wukuthi nathi sizohamba olwethu uhambo engikholwa wukuthi sesifikile isikhathi sokufeza isifiso sethu.
Ngiyalethemba iqembu lami eliholwa wumqeqeshi, uTau Masondo, ukuthi lizofika liwenze umsebenzi.
Iqiniso wukuthi siyadinga ukuba namaqembu amaningana kwiMotsepe League eNewcastle, sigcine sibe nalo neqembu elidlala esigabeni seFirst Division (Motsepe Foundation Championship),” kusho uSithole.
Ngesizini edlule iJunior Eleven FC yaseMnambithi noLundi United yasoLundi, yiwona maqembu aphumelele kuma-Play Offs eRegional League, eMgungundlovu, akhushulelwa kwi-KZN Motsepe League.
Ngaphandle kweZululand ezokhipha iqembu elizoyimela ngeSonto, zonke izifunda ezingu-10 zaseKZN sezinawo amaqembu azoya kuma-Play Offs esifundazwe eRegional League.