USINETHEMBA Ntshangase odle umhlanganiso kwiHarry Gwala Marathon walala unombolo 10 kwiPrince Mangosuthu Marathon uvivela ukuyoyibamba okokuqala kwiComrades Marathon ngoJuni
Image: NEDBANK CLUB FACEBOOK
UMQEQESHI wabagijimi ngaphansi kweNedbank Running Club KwaZulu-Natal, uMthandeni Nene, unethemba elikhulu lokuthi abanye babagijimi abangaphansi kwale kilabhu bazokwenza into yamehlo emjahweni iComrades Marathon.
Eyanonyaka iComrades Marathon yebanga lika-89.98km ezobe igijinywa kwehlilwa kusukwa eMgungundlovu kubhekwe eThekwini, izoba ngoJuni 8.
UNene uthipha abagijimi bakhe abathathu, uSinethemba Ntshangase noSithembiso Mqhele kwabesilisa, noMsawenkosi Nsibande kwabesifazane.
UNtshangase uzobe eyigijima okokuqala iComrades, kanti uMqhele noNsibande bazobe beyigijima okwesibili.
“Amalungiselelo ethu eComrades ahamba ngohlelo futhi nginethemba elikhulu lokuthi abagijimi bethu abangaphansi kweNedbank Running Club lapha KwaZulu-Natal bazokwenza kahle uma ngibheka indlela abenze ngayo kweminye imijaho abasayigijimile kulo nyaka.
UNtshangase uwine iHarry Gwala Marathon yebanga lika-42km, wenza kahle nakwiDrakensberg Marathon, sabe sesimusa kwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon ebangeni lika-52km ukuthi ayolwela ukungena kwabangu-10 bokuqala. Nangempela wakwenza lokho, waphuma ishumi.
Ngakho ngokomzimba usesimeni esikahle, uzilolonge ngendlela efanele. Ukulungele ukuyogijima iComrades futhi nginethemba lokuthi uzokwazi ukungena kwabokuqala abangu-10,” kusho uNene.
UMqhele ulale isibili kwiBaldwin Sport Peninsula Marathon yebanga lika-42km ngoFebhuwari, wangena endaweni yesishiyagalolunye kwiTotalsports Two Oceans Marathon yebanga lika-56km ngo-Ephreli.
“Useyigijiime kathathu iTwo Oceans wabuya namagolide, ngakho ngikholwa wukuthi uzokwazi ukwenza kangcono kwiComrades yanonyaka," kusho uNene.
UNsibande uthathe isithathu kwiCapital City Marathon yebanga lika-42km ngoFebhuwari eMgungundlovu, wadla umhlanganiso kwiTronox Umhlathuze Crocs Marathon ka-42km eRichards Bay, walala ishumi kwiDurban International Marathon
“UMsawenkosi usethubeni elihle kakhulu lokwenza kangcono kwiComrades, angene kwabayishumi bokuqala.”
Njengoba abagijimi beNedbank Club bakwezinye izifundazwe kuyibona asebekhombise ukukhonya kwiComrades eminyakeni emithathu edlule, nabaseKZN abangaphansi kwale kilabhu banenselelo yokwenza kahle ukuvikela isithunzi salesi sifundazwe kulo mjaho.
Related Topics: