Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UKekana neqhinga elingasiza iDowns kowamanqamu weCaf

Sibusiso Mdlalose|Published

UKekana neqhinga elingasiza iDowns kowamanqamu weCaf.

Image: BackpagePix

OWAYENGUKAPUTENI weMamelodi Sundowns, uHlompho Kekana, ufuna leli likulwele zibeka ukushaya igoli ukuze lizokwehliswa ingcindezi uma selibhekene nePryamids yase-Egypt emdlalweni womlenze wesibili wamanqamu weCaf Champions League ozodlalela e-30 June Stadium, eCairo, ngeSonto ngo-7 ebusuku.

ISundowns izongena enkudleni inengcindezi njengoba ivumele iPyramids yashaya igoli ekuhambeni kowomlenze wokuqala ophele zibambene ngo 1-1 eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngempelasonto edlule. 

Ngakho leli qembu lasePitoli linenselelo yokushaya igoli, kungangeni lutho ngakulo ukuze liqukule indebe yeChampions League okwesibili emlandweni walo kulo mdlalo wamanqamu womlenze wesibili obhekwe ngabomvu ezwenikazini i-Afrika. 

“Lo mdlalo womlenze wesibili wehluke kakhulu. Kodwa ngiyakholelwa kakhulu ekutheni iSundowns izokwazi ukubuya eCairo, iwunqobe lo mdlalo. Empeleni nje nasemdlalweni womlenze wokuqala bengingakhathazekile ngendlela abebedlala ngayo ngoba babewulawula umdlalo kwaba yilelo phutha-ke abalenze ekugcineni.

YiChampions League le, iphutha elincane nje usala uzisola. Ngakho kufanele uhlale uqaphile ngaso sonke isikhathi kuze kube wumzuzu wokugcina. 

Nokho ngicabanga ukuthi bayakwazi abakulindele eCairo. Sebewuhlaziyile umdlalo womlenze wokuqala nezimbangi zabo. Kudala bedlala imidlalo enzima, bayakwazi okufanele bakwenze,” kusho uKekana.

UKekana nguyena owayehola iSundowns njengokaputeni ngesikhathi inqoba isicoco seChampions League ngokuguqisa iZamalek yase-Egypt khona eCairo ngo-2016.

Eqenjini leSundowns babili kuphela abadlali ababekhona ngesikhathi iphakamisa le ndebe. Labo badlali nguThemba “Mshishi” Zwane ongukaputeni wamaSandawana obuya ekulimaleni nonozinti, uDenis Onyango, ongasajwayele ukuvimba.  

“Kudingeka balwe kulo mdlalo, balwele ukuthola igoli zisuka emizuzwini engu-15 kuya kwengu-20 ukuze basuse ingcindezi kubona. Njengoba bakwazi ukushaya i-Al Ahly eCairo kweyandulela owamanqamu, lokho kufanele kube yisikhuthazi kubona ukuthi akukho okungabehlula ekwenzeni okufanayo futhi eCairo kwiPyramids. 

Ngumdlalo obaluleke kakhulu lo okufanele balwele ukufa nokuphila ukuwunqoba, bengeze enye inkanyezi ejezini leSundowns,” kuqhuba uKekana. 

Indlela yamaSandawana ebheke kowamanqamu idlule emaqenjini okubalwa kuwona i-AS FAR yaseMorocco, iRaja Casablanca ne-Esperance baseTunisia, ne-Al Ahly yase-Egypt. Ishaye amagoli ayisishiyagalombili, yangenelwa ayisithupha kusukela esigabeni samaqoqo.

Kanti iPyramids idlule kwiSagrada Esperanca yase-Angola, iDjoliba yaseMali, i-AS FAR ne-Orlando Pirates. Ihlohle amagoli angu-22, yangenelwa angu-11 kusukela esigabeni samaqoqo.