Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

OweBanyana ufuna balungise amaphutha bengakayi kwiWafcon

Sibusiso Mdlalose|Published

UMDLALI wasesiswini ongukaputeni weBanyana Banyana, uRefiloe Jane, ukubuya kwakhe ekulimaleni okuqinisa idolo umqeqeshi waleli qembu njengoba lizivivinyela ukuyodlala kwiWomen's Africa Cup of Nations (Wafcon) ngoJulayi, eMorocoo

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, ubona kufanele bawalungise ngokushesha amaphutha abawenzile emdlalweni wabo neBotswana koweThree Nations Challenge bengakayi emqhudelwaneni iWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon). 

IBanyana eguqise iBotswana ngo 3-2 emdlaweni wokuvula iThree Nations Challenge maphakathi nesonto, izodlala neZambia ngoLwesithathu ngo-2 ntambama, eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville. 

Ngaphambi kokudlala neBanyana ngoLwesibili, iZambia izotholana phezulu neBotswana namuhla ngo-3 ntambama khona eLucas Moripe.

Lo mqhudelwano wobungani weThree Nations kuhloswe ngawo ukunikeza iBanyana, iZambia eteketiswa ngeleCopper Queens neBotswana eteketiswa ngeleThe Mares ithuba lokuzicijela ukuyoyibamba kwiWafcon ngoJulayi eMorocco.

“Siyayazi iBotswana futhi besazi ukuthi izoza kithi ngaso sonke isikhathi uma iphethe ibhola, kodwa bekufanele siligcine kangcono ibhola, sigweme ukulilahla kakhulu uma siliphethe.

Ngakho kuzofanele siwalungise amaphutha siselapha, ngaphambi kokuba siye kwiWafcon ngoba laphaya izinga lizobe liphezulu kakhulu, awafuneki amaphutha angenasidingo,” kusho u-Ellis.

Lo mqeqeshi uzwakalise ukuqina idolo ngokubuya kwabadlali bakhe abamqoka abebelimele, ukaputeni uRefiloe Jane, Bambanani Mbane noKarabo Dlamini.

“Ukubuya ukubuya kukaRefiloe, Karabo noBambanani ekulimaleni, yinto ebesiyidinga kakhulu kula malungiselelo ethu futhi kujabulisile ukubona indlela abadlale ngayo (koweBotswana).”

Uthe akukubi kumgadli osathintekile, uHilda Magaia, ongadlalanga emdlalweni wangoLwesithahu, wathi bamphumuzile ukuze alulame kahle ukuze kushaye isikhathi sokuya kwiWafcon esewumqemane.

IBanyana eyanqoba iWafcon ngo-2022 ngokuguqisa iMorocco, inenselelo yokubuyela khona eMorocco ukuyovikela isicoco sayo. 

Lo mqhudelwano uzodlalwa ngoJulayi 5-26, eMorocco, lapho iBanyana iqhathwe khona kuGroup C neGhana, Mali neTanzania.

I-Copper Queens iqhathwe kuGroup A neSenegal, Democratic Republic of Congo, nosokhaya iMorocco.

Kanti iThe Mares ikuGroup B neNigeria, Tunisia ne-Algeria.