Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UVilakazi uyaziqhenya ngokuwina i-Afcon naMajita

Sibusiso Mdlalose|Published

UMDLALI waMajita, uMfundo Vilakazi, ethokozela indondo yegolide abuye nayo e-Egypt, ngesikhathi yena nozakwabo baMajita bedla umhlanganiso kwi-Afcon U-20 ebise-Egypt

Image: BACKPAGEPIX

NOMA engadlalanga imidlalo eminingi eqenjini elinqobe indebe ye-Africa Cup of Nations (Afcon) Under-20 kodwa umdlali waseswini uMfundo “Obrigado” Vilakazi, uyaziqhenya ngokufaka isandla kuleli qembu lesizwe eliqophe umlando ngokunqoba lesi sicoco okokuqala emlandweni. 

Sekungumlando ukuthi iqembu lesizwe lakuleli lika-Under 20, Amajita, libuye nesicoco se-Afcon U-20 ngokuguqisa iMorocco ngo 1-0 wegoli likaGomolemo Kekana kowamanqamu alo mqhudelwano eCairo International Stadium, eCairo, e-Egypt, ngeSonto.

Leli qembu eliqeqeshwa nguRaymond Mdaka libhale kabusha umlando weNingizimu Afrika emqhudelwaneni we-Afcon U-20, kwazise iqembu lika-1997 eladlala okokuqala kulo mqhudelwano lahlulwa kowamanqamu yiMorocco. 

“Ngeshwa ngeke singene sonke enkundleni, kumele kungene abadlali abangu-11 kuphela. Kodwa umqeqeshi ukwazile ukunika wonke umdlali ithuba. Noma ngingalitholanga ithuba lokudlala yonke imidlalo, bengijabula ukubona ozakwethu bedlala kahle siwina, ngenkathi nami ngilinde elami ithuba, njengoba ngilitholile ithuba lokudlala kowamanqamu (neMorocco),” kusho uVilakazi odlale emihlanu kweyisikhombisa imidlalo kwi-Afcon U-20.

Lo mdlali weKaizer Chiefs udedelwe yileli qembu ukuyodlala kwi-Afcon ngesikhathi lisemshikashikeni wokulwela ukunqoba iNedbank Cup eligcine liyiwine ngokuguqisa i-Orlando Pirates kowamanqamu.

UMdaka obe ngumqeqeshi wokuqala wakuleli onqobe i-Afcon, ubonge ukuzinikela kwamasosha akhe kulo mqhudelwano.

“Ngihalalisela abafana ngomsebenzi omuhle abawenzile, obungelula neze. 

Kubonakale ngemiphumela yemidlalo yesigaba samaqoqo ukuthi kukhona lapho ebesiya khona ngoba phezu kokuba sihlulwe yi-Egypt emdlalweni wethu wokuqala kodwa sakwazi ukuvuka sizithathe emidlalweni elandelayo.

Kwesinye isikhathi bekucaca ukuthi amaqembu ebesibhekene nawo abeqhamuka namaqhinga ehlukile okusihlula kodwa abadlali bethu bakhombise okukhulu ukuzinikela nokulwa kuze kube sekugcineni ngisho nakweminye imidlalo esibuye kuyo sekuvalwe amehlo,” kusho uMdaka. 

Ngemuva kokudla isicoco se-Afcon U-20, Amajita asebheke ukuyoyibamba koweNdebe yoMhlaba ka-Under 20 ozodlalelwa eChile, ngoSepthemba 27 kuya ku-Okthoba 19. 

Amajita anenselelo yokwenza kangcono kulo mqhudelwano njengoba engakaze adlule esigabeni sika-Last 16 kusukela adlala okokuqala ngo-1997. 

Agcina ukudlala kulo mqhudelwano owawubanjelwe ePoland, ngo-2019, aphuma esigabeni samaqoqo.