UNOZINTI owukaputeni weMagesi FC, u-Elvis Chipezeze, ubona ezakhe zisenethuba lokungena kwiTop 8 kule midlalo emibili yeBetway Premiership ebasalele ngaphambi kokusonga isizini
Image: BACKPAGEPIX
PHEZU kokuba besenethuba lokuzibekisela indawo kwiTop 8, kodwa ukaputeni owunozinti weMagesi FC, u-Elvis Chipezeze, uyayiqonda ingozi yokuwela otalatiyeni lokuyodlala kumaPlay Offs uma behluleka ukubuya namaphuzu emidlalweni emibili esele.
UChipezeze ongomunye wabadlali abamqoka kuleli qembu elilwe kanzima lisuka ezembeni, usho kanjena nje basalelwe yimidlalo emibili emqoka ngaphambi kokusonga isizini abazoyidlala neMarumo Gallants ne-Orlando Pirates.
IMagesi ebuya esibhaxwini sika 2-0 esithole kwiMamelodi Sundowns ngeSonto igcotshwa ngokusemthethweni njengompetha beBetway Premiership, izodlalelwa ekhaya neGallants ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eSeshego Stadium, eSeshego.
Izosonga isizini ngePirates e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMeyi 28.
“Sinalo ithuba lokungena kwiTop 8, uma singakwazi ukuthola amaphuzu kuyona yomibili le midlalo esisalele. Kodwa futhi siyakuqonda ukuthi uma sihluleka ukuwathola amaphuzu singase sizithole sidlala kumaPlay Offs, okuyinto engafiswa muntu.
Yomibili le midlalo esisalele ayilula, kodwa ngikholwa wukuthi uma singakwazi ukunqoba kwiMarumo ngoMgqibelo siyobe sesiphephile ekudlaleni kumaPlay Offs.
Empeleni ukuqeda kwiTop 8 yibhonasi, okubaluleke kakhulu manje ukugwema ukuyodlala kumaPlay Offs,” kusho uChipezeze.
IMagesi esendaweni ka-12 kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-29, yehlukaniswe amaphuzu amabili neLamontville Golden Arrows esendaweni ka-13 ngawu-27, namaphuzu amane neSuperSport United neCape Town City abanamaphuzu angu-26 abasendaweni ka-14 no-15 ngokulandelana.
UChipezeze uvumile ukuthi ukufika komqeqeshi, u-Owen “ODG” Da Gama, kwenze umehluko kuleli qembu elike lazithola lidonsa kanzima ngemuva kokunqoba isicoco seCarling Knockout ngoNovemba.
“Ufike nomehluko omkhulu umqeqeshi u-Owen. Okubaluleke kakhulu akwenzile wukubuyisa umoya wokuzethemba kithina badlali njengoba efice iqembu lingenzi kahle, liphikwa yimiphumela.
Ufike wakholelwa kakhulu kithina, ngisho nakubadlali abebengalitholi ithuba lokudlala njalo. Lokho kwenze umehluko omkhulu, yaqala yabonakala imiphumela.
Osekubaluleke kakhulu kithina manje ukulwela ukuhlenga iqembu njengoba kuyisizini yethu yokuqala kwiPremiership esilethele ngayo injabulo ngokunqoba indebe yethu yokuqala esigabeni esikhulu sebhola eNingizimu Afrika,” kuqhuba uChipezeze, owole inqwaba yemiklomelo yomdlali ovelele kwiCarling Knockout.
IDikwena tsa Meetse ibanga iTop 8 neChippa United, Polokwane City, Kaizer Chiefs, Gallants neRichards Bay FC.
Related Topics: