Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

OweDurban Ladies ukhala ngefomu yezakhe kwiHollywoodbets

Sibusiso Mdlalose|Published

IQEMBU iDurban Ladies esalidonsa kanzima kusukela kuqale isizini ka-2025 yeHollywoodbets Super League njengoba lisalwela ukunqoba umdlalo walo wokuqala

Image: DURBAN LADIES FACEBOOK

UMQEQESHI weDurban Ladies, uSphephelo “Meli” Makhaye, ukhala ngokungabi sefomini kwabadlali bakhe nokwehluleka kwabo ukubhakuzisa inethi njengembangela enkulu yokushaya into ephansi kwaleli qembu kusukela kuqale le sizini ka-2025 yeHollywoodbets Super League.

IDurban iphinde yalahla amaphuzu ishayelwa ekhaya yiJVW FC ngo 4-1 eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoMgqibelo. 

Leli qembu laseMlaza ebese lishaya okwesithupha emidlalweni eyisishiyagalolunye eseliyidlalile, liyibambe emsileni we-log yeSuper League ngamaphuzu amathathu kuphela, futhi alikanqobi nowodwa umdlalo. 

“Kuyiqiniso ukuthi asiyiqalanga kahle isizini. Inkinga esisabhekene nayo kakhulu ngeyokuhluleka kwabadlali bethu ukushaya amagoli njengoba uma ubheka nje kule midlalo esesiyidlalile sisakwaze ukushaya amagoli amathathu kuphela. Ngaphandle kwalokho, abadlali bethu abaningi eqenjini lethu abekho efomini. Sisebenza kanzima ukuzama ukusilungisa leso simo, babuyelwe yifomu nokuzethemba ukuze iqembu likwazi ukuthola umgqigqo ofanele,” kusho uMakhaye.

“Kweminye imidlalo esihlulwe kuyo sihlulwe sidlale kahle, kodwa sehluleke ukusebenzisa amathuba amaningi esiwatholile. Nokho, ngisakholelwa ekutheni sinabadlali abangcono abasengakwazi ukushintsha isimo. Ukunqoba nje umdlalo owodwa kwelandelayo esisazoyidlala ngikholwa wukuthi nakanjani kuzobuyisa ukuzethemba kubadlali bethu.

Uma singathola amaphuzu ayisishiyagalolunye izinto zingashintsha, singasuka kule ndawo esikuyona.

Kanti-ke futhi sinethemba lokuthi ikhefu leWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon) leBanyana Banyana, nalo lizokwazi ukusinika ithuba lokulungisa amaphutha."

Kulindeleke ukuthi amaqembu adlala kwiSuper League athathe ikhefu phakathi kukaJuni noJulayi njengoba iqembu lesizwe iBanyana izoyibamba emqhudelwaneni kwiWafcon ngoJulayi, eMorocco. 

Ngaphambi kokuqala kwale sizini, iLadies isayinise abadlali abanamava okubalwa kubona uMemory “Memzo” Makhanya, Lucia Gaonwe, Khanyisile Sokhela, Omuhle Ngcobo, Snothi Jele no-Andiswa Cele. 

UMakhanya obekwiRoyal AM futhi edlalela iBanyana, ukhuze ibuya kuleli qembu azakhela igama kulona eminyakeni edlule.

“Phezu kokuba kwethu nabadlali abanamava njengoMemzo eqenjini, kodwa sisadonsa kanzima ngoba nakubona kunzima uma iqembu lonke lingenzi kahle,"kusho uMakhaye.

Imiphumela yeHollywoodbets Super League:

TS Galaxy 3-1 Ezemvelo Women’s FC; Durban Ladies 1-4 JVW FC; Richmond United 2-2 City Lads; First Touch FC 1-1 University of Fort Hare; UWC 0-1 Copper Belts FC; UCT 0-0 Royal AM; TUT Football Club 0-4 Mamelodi Sundowns Ladies; Univ. of Pretoria 0-2 University of JHB FC.