Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

OwaMaZulu wacishe waliyeka ibhola ephikwa yizinto

Sibusiso Mdlalose|Published

Andile Mbanjwa

Image: FACEBOOK

UPHUMELE obala ngokuthi wacishe waliyeka ibhola unozinti waMaZulu FC, u-Andile Mbanjwa, odlale umdlalo wakhe wokuqala kuleli qembu alijoyine kumasizini amabili edlule.

UMbanjwa (27) ubesezintini ngesikhathi Usuthu lubambana ngo 1-1 ne-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Ungene esiwombeni sesibili endaweni kaRichard Ofori ophume eselimele.

Ngaphandle kokuthi ubedlala okokuqala kuMaZulu, bekuwumdlalo wakhe wokuqala kaMbanjwa esigabeni sePremiership. Wajoyina AmaZulu ngesizini ka-2023/2024 esuka kwiRichards Bay ngesikhathi isadlala kwiMotsepe Foundation.

“Ngithanda ukubonga AmaZulu ngethuba anginike lona. Angisayinisa ngingenaqembu, nganikwa ithuba lokuzama inhlanhla ngenkathi kusekhona umqeqeshi uPablo (Franco Martin). Wanginika ithuba ngasayiniswa kodwa ngangalithola ithuba lokudlala. 

Ukukholelwa kimina kwabaqeqeshi yikho okungikhuthaze kakhulu ekuqhubekeni nokusebenza ngokuzimisela njengoba sengigcine ngilithola ithuba lokudlala.

"Ngibonga bonke abebehlala bengeseka ngoba kwala kancane ukuthi ngiliyeke ibhola ngesikhathi ngibona ukuthi izinto ziyangiphika. Lokho kusho lukhulu kimina, kungenze ngavuseleleka kakhulu njengoba ngizimisele ngokusebenza kanzima ukuze ngizodlala njalo,” kusho uMbanjwa.

Ephawula ngokudlala umdlalo wakhe wokuqala bebhekene nePirates, uthe: “Angifuni ukuqamba amanga, ngiqale ngashaywa wuvalo kodwa ngagcina ngiziqinisa.”

Lo nozinti obanga ijezi no-Ofori noVeli Mothwa, kubukeke kumphendlele indlela ukubolekiswa kuka-Olwethu Mzimela kwiDurban City engompetha beChampionship kule sizini esanda kusongwa.

Uneselelo yokugeza igilo abaqeqeshi boSuthu njengoba u-Ofori kunguyena osabambe ijezi ezintini zaleli qembu kulandela ukwehlelwa yifomu nokwenza amaphutha kukaMothwa. 

Usuthu luzibekisele indawo kwiMTN 8 okuzovulwa ngayo isizini ezayo ngokuqeda endaweni yesithupha kwi-log yePremiership.