Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

UWalaza kwabakuleli abaphule amarekhodi

Xolile Mpisane|Published

UMGIJIMI wakuleli osemcane, uBayanda Walaza, oqophe irekhodi elisha lika-Under-20 emjahweni ka-100m

Image: BACKPAGEPIX

BAQOPHE amarekhodi amabili amasha abasubathi bakuleli, uBayanda Walaza noJessica Groenewald, benqoba imijaho yabo ngamalengiso ngoMgqibelo.

UWalaza (19) uqophe irekhodi elisha lakuleli labesilisa lika-Under 20 edla umhlanganiso ku-100m weWorld Athletics Continental Tour obuseZagreb, eCroatia.

Uqede lo mjaho ngo-9.94, ephula irekhodi lika-9.99 ayeliqophe ePilditch Stadium, eTshwane, ngoMashi.

Irekhodi lomhlaba lika-Under 20 kwabesilisa liphethwe nguLetsile Tebogo waseBotswana, owashaya u-9.91 kuma-Under 20 World Athletics Championships eColombia ngo-2022.

“Into ebesiyihlelile nomqeqeshi wami ukufika lapha sikhombise ukuthi iNingizimu Afrika ingelinye lamazwe aqinile kwezokusubatha,” kusho uWalaza ekhuluma nabe-website ye-Athletics Africa ngemuva komjaho.

"Besingalindele ukuqopha lesi sikhathi, besibheke mhlawumbe u-9.98. Kuyangithokozisa ukuba ngomunye wabasubathi abasebancane abahamba phambili. Kungenza ngizizwe ngihloniphekile futhi ngifune ukusebenza kakhulu ukuze ngiqhubeke nokunqoba. Uma ngiqhubeka nokuzikhandla ​​​​ngingaba omunye wabasubathi abaphezulu emhlabeni."

Isikhathi esiqoshwe nguWalaza simbeka endaweni yesithathu emhlabeni ku-100m. 

Umsubathi osaqophe isikhathi esihamba phambili ngo-2025 ngomunye wakuleli, u-Akani Simbine, oshaye u-9.90 kwiBotswana Grand Prix, eGaborone, ngo-Ephreli.

Ulandelwa nguBrandon Hicklin wase-United States, ogijime u-9.93 eFlorida ngo-Ephreli.

Irekhodi lomhlaba lika-100m lisaphethwe umsubathi waseJamaica osathatha umhlalaphansi, u-Usain Bolt, owaqopha u-9.58 kumaWorld Championships ayseBerlin ngo-2009.

Khonamanjalo, uGroenewald uphule irekhodi lakuleli labesifazane enqoba umjaho ka-35km kuma-ASA Race Walking Championships eKapa ngo-3:10:40.

Uphule irekhodi lika-3:20:25 elalibekwe nguNatalie le Roux kumaWorld Race Walking Championships eTaicang, eChina, ngo-2018. 

"Sijabulile ngendlela abasubathi bethu abenze ngayo, benyusa izinga emiqhudelwaneni yabo. Uma sibheka ukuthi izikhathi abazishayile zingcono kangakanani namarekhodi abawaphulilwe, kusobala ukuthi bobabili bazimisele kakhulu. Siyababongela abasubathi, abaqeqeshi nabo bonke ababambisene nabo ngale mpumelelo," kusho umengameli we-Athletics South Africa, uJames Moloi.