Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Ingcindezi kuSimbine emjahweni ka-100m eMorocco

Xolile Mpisane|Published

UMSUBATHI wakuleli, u-Akani Simbine, ozongena ethwelwe ngeqoma emjahweni ka-100m kwiWanda Diamond League eRabat kusasa.

Image: BACKPAGEPIX

UHLOSE ukuqhubeka nomgqigqo wokunqoba ebangeni lika-100m umsubathi wakuleli, u-Akani Simbine, ozogijima kwiWanda Diamond League eRabat, eMorocco, kusasa ntambama.

USimbine usenqobe kabili kulo mjaho ochungechungeni lweDiamond League yanonyaka, eXiamen ngenyanga edlule, naseShanghai ngasekuqaleni kwephezulu.

Uyena osashaye isikhathi esihamba phambili ku-100m kulo nyaka njengoba aqopha u-9.90 edla umhlanganiso kwiBotswana Grand Prix eGaborone ngo-Ephreli 15.

Uzobhekana nezimbangi ezisezingeni eliphezulu kakhulu eRabat njengoba ezoqophisana no-Fred Kerley wase-United States, owathatha indondo yethusi kulo mjaho kuma-Olympic ngonyaka odlule, uLetsile Tebogo owanqoba igolide emjahweni ka-200m khona eParis, uFerdinand Omanyala waseKenya ophethe irekhodi lase-Afrika nabanye.

USimbine uzongena kulo mjaho ezethemba kwazise unqobe umjaho ka-100m kuma-Atlanta City Games, e-United States, ngempelasonto edlule ngesikhathi esingekho emthethweni sika-9.86.

Uthe inhloso yakhe ukuqhubeka athuthuke njengoba ebheke kumaWorld Athletics Championship azoba seTokyo ngoSepthemba.

"Ngifuna ukuqhubeka nokusebenza kanzima, ngithuthuke kuzona zonke izindawo. Okumqoka ukuthi ngilungise izinto ezincane ezidinga ukulungiswa ohlelweni lwami lomjaho," kusho uSimbine ekhuluma ekhasini leCitius Mag kwiYouTube.

“Ngibheke ngabomvu ukuthi kufinyelele lapho sesilungisa khona indlela engiqala ngayo umjaho, okuyinto ebucayi, kodwa ngijabule ngezinga engikulona futhi ngisazokwenza okungcono.”

UTebogo waseBotswana uzophinde agijime ku-200m, lapho ezomiswa kabi khona abasubathi abafana no-Erriyon Knighton wase-United States, uWayde van Niekerk wakuleli nabanye.

UMSUBATHI wakuleli webanga lika-800m uPrudence Sekgodiso.

Image: BACKPAGEPIX

Omunye umgjimi wakuleli, uShaun Maswanganyi, ungomunye wabazobe befuna ukuqeda ukucanasa kukaSimbine ku-100m, kuthi uPrudence Sekgodiso abambe iqhaza emjahweni wabesifazane ka-800m.

Umlenze weDiamond League waseRabat uzoqala nge-high jump yabesilisa ngo-6.20 pm. 

Umjaho wabesilisa ka-100m uzoba ngo-7.15pm, owabesilisa ka-200m uqale ngo-8.25pm, bese owabesifazane ka-800m uqala ngo-8.34pm