UMQEQESI weRichards Bay FC, uRonnie Gabriel, oqeqesha ngokubambisana noPapi Zothwane noSiboniso Gumede
Image: BACKPAGEPIX
IRICHARDS Bay FC isikuqinisekise ukuthi akekho umqeqeshi emthungathayo nokuwubufakazi bokuthi leli qembu lisakholelwa ethimbeni elihlanganisa uRonnie Gabriel, Papi Zothwane noSiboniso Gumede.
Leli qembu liqinisekise lokhu ngesitatimende elisikhiphe ngoLwesine, lakubeka ngokucacile ukuthi laba baqeqeshi basazoqhubeka nomsebenzi wabo nangesizini ezayo.
“IRichards Bay FC ithanda ukucacisa ukuthi akukho mqeqeshi emfunayo ngoba abaqeqeshi bethu, uRonnie Gabriel, Papi Zothwane noSiboniso Gumede baseyingxenye yeqembu futhi sizimisele ngokuqhuba ubudlelwano bokusebenza nabo. Basezinhlelweni zeqembu ukuya phambili.
Iqembu lithanda ukubabonga ngokuzinikela kwabo ekuthuthukiseni iqembu nokulibeka endaweni engcono kwi-log,” kusho isitatimende seRichards Bay.
IRichards Bay iveza lokhu nje abeseke avela amahlebezi okuthi uLehlohonolo Seema nguyena ongase athathe izintambo zokuqeqesha leli qembu ngesizini ezayo.
USeema ukhonjwe indlela yiSekhukhune United ngoMashi, isikhundla sakhe sathathwa u-Eric Tinkler.
IBay ikhombe indlela uBrandon Truter ngoNovemba kulandela ukugqoza kwemiphumela, izintambo zabanjwa uGabriel noGumede abebengamaphini kaTruter.
Ngo-Januwari yengeze ngoZothwane obesuka kwiMagesi FC, ukuzosebenza ngokubambisana noGabrilel noGumede ekuqhubeni umkhumbi.
Ngaphansi kwalaba baqeshi i-Natal Rich Boyz ikwazile ukusuka esishozini sezembe ngasemsileni we-log. Lokhu ikuqinisekise ngesikhathi ithola iphuzu ibambana ngo 0-0 neLamontville Golden Arrows eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngempelasonto edlule.
Leli qembu laseRichards Bay elisendaweni ka-11 kwi-log yeBetway Premiership, lisenethuba lokuzibekisela indawo kwi-Top 8 uma linganqoba umdlalo walo wokugcina neSupersport United, bese lithandazela ukuthi amanye amaqembu elibanga nawo alahle amaphuzu.
Isonga isizini ka-2024/25 ngowasekuhambeni naMatsatsa A Pitori, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Related Topics: