Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

URiveiro uyabathemba abashiye kwesokuhola iBucs

Sibusiso Mdlalose|Published

UMQEQESHI osanda kushiya i-Orlando Pirates, uJose Riveiro, kulindeleke ukuthi athushuke kwelinye lamaqembu asenhla ne-Afrika okukhona kuwona i-AL Ahly yase-Egypt

Image: Isithombe: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI, uJose Riveiro, ushiye abalandeli nesithembiso sokuthi i-Orlando Pirates izokwenza okungaphezulu kwalokhu ekwenze iphekwa nguyena. 

URiveiro omataniswa nesikhundla sokuqeqesha iqembu lase-Egypt, i-Al Ahly, uvalelise ngesitayela emdlalweni wakhe wokugcina esebhentshini lePirates ebhaxabula  iLamontville Golden Arrows ngo 3-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili e-Orlando Stadium, eSoweto. Ukuhamba kwakhe kubashiye bedangele abalandeli beZimnyama kwazise ubuyise injabulo ngokuwina izicoco. Abanye babalisa ngokuthi iqembu lizoshona phansi ngaphandle kwakhe.

"I-Orlando Pirates ikhombisa ngokucacile indlela efuna ukwenza ngayo izinto. Uhlobo lweqembu efuna ukuba yilo ngokwezinga. Kuseyisiqalo lesi, kodwa akukho ukungabaza ukuthi kukhona lapho iqembu libheke khona uma ubheka abadlali abancane. Bayisikhombisa abakhushulelwe eqenjini elikhulu, abanye babo benza kahle eqenjini elikhulu. 

Iqembu lidlala ibhola elihle emidlalweni eminingi eliyidlalayo, likwazile ukukhipha amangwevu emiqhudelwaneni eyahlukene engingabala kuyona iChampions League esihambe ibanga kuyona. Nakwiligi sihambe kakhulu yize silahle umgqigqo ekugcineni kodwa angingabazi nakancane ukuthi laba bafana (abancane) baqine ukhakhayi ngohambo lweqembu kule sizini. Ngibona iPirates izokwenza kangcono kakhulu kunalokhu kumasizini ezayo," kusho uRiveiro.

IPirates esanda kuphunyukwa yindebe yNedbank Cup, isalelwe yimidlalo emine ngaphambi kokusonga isizini ka-2024/25 yePremiership nokuqinisa indawo yayo yesibili kwi-log ukuze ikwazi ukubuyela emqhudelwaneni weCaf Champions League ngesizini ezayo.

Lo mqeqeshi odabuka eSpain bekufanele ahambe ngokuphela kwesizini ngemuva kokuba kuvele ukuthi ngeke ayivuselele inkontileka yakhe ephelayo. Nokho ucele ukukhululwa ingakapheli isizini ukuze ayoqala eqenjini lakhe elisha elingakamenyezelwa.

Izintambo zizobanjwa yiphini lakhe, uMandala Ncikazi, kule midlalo emine esele ngaphambi kokusongwa kwesizini.  

“Banamava (uNcikazi nomqeqeshi wonozinti uTyron Damons) ngebhola laseNingizimu Afrika. Kule minyaka emithathu sisebenza ndawonye, sikwazile ukuqhamuka namasu nemigomo yokwenza izinto. Azizukuba bikho izinguquko ezinkulu kule midlalo esele, bazana kakhulu (abaqeqeshi) bayabazi abadlali. Ngakho bazokwazi ukuqhubeka nomsebenzi. Anginakho nokuncane  ukungabaza ngalokho.”

EZimnyama zizodlala ne-TS Galaxy ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, e-Orlando Stadium.