UFUNA baqhubeke nokuzinikela ngendlela efanayo ukulwela isithunzi seqembu yize sebephumile embangweni wesicoco seligi yeBetway Premiership umqeqeshi we-Orlando Pirates osabambile, uMandla Ncikazi.
UNcikazi ukusho lokhu ngemuva kokuba ezakhe zilahle amaphuzu zibambana ngo 1-1 ne-TS Galaxy kowePremiership, e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo. IPirates ibekwe phambili nguBandile Shandu ngaphambi kokuthi uMpho Mvelase ashayele iGalaxy elokulinganisa sekusele amanenjana umdlalo uphele.
IPirates esalelwe yimidlalo emithathu ukusonga isizini yePremiership, yize ilahle amaphuzu kulo mdlalo wangoMgqibelo kodwa isivele iyiqinisile indawo yayo yesibili kwi-log yePremiership okuyinika ithuba lokubuyela kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
“Kubalulekile ukuthi abadlali bethu bakhombise ukuzinikela ngendlela efanayo ngisho noma ngabe sesiphumile embangweni weligi. Siyakhokhelwa ngomsebenzi esiwenzayo ngisho nanokuziqeqesha. Njengeqembu lebhola elikhokhelayo, noma ngabe asisadlaleli lutho, kodwa sinabaxhasi okufanele sibahloniphe nesithunzi seqembu uqobo,” kusho uNcikazi.
Lo mqeqeshi osabambe kwesokuqeqesha eZimnyama ngemuva kokushiya kukaJose Riveiro obeyinhloko yabaqeqeshi, ibhekiwe indlela iqembu elizokwenza ngayo ngaphansi kobuholi bakhe kule midlalo esalisalele ngaphambi kokusonga isizini.
Ukwenza kahle kweZimnyama kule midlalo esele kubukeka kusengamcubuzela amagabade kubaphathi beqembu ngesikhundla sokuqeqesha ngokugcwele njengoba lisadinga ukuvala isikhala sikaRiveiro.
URiveiro besekuvele kumenyezelwe ukushiya kwakhe kweZimnyama ngokuphela kwale sizini, ngeledlule ube esecela ukushesha akhululwe ukuze aqale umsebenzi eqenjini lakhe elisha okuvela ukuthi elase-Egypt.
UNcikazi uvumile ukuthi indumalo kubadlali ngokushiya kwalo mqeqeshi waseSpain oshiye kungalindelwe, ingaba nomthelela ekungenzini kahle kwakamuva kwaleli qembu.
"Noma ngingeke ngibe nesiqiniseko, kodwa kungenzeka ukuthi kube nomthelela.
Kodwa bengicabanga ukuthi bazosebenzisa lo mdlalo (weGalaxy) ukubhiyozela impumelelo yakhe (uRiveiro)," kusho uNcikazi.
EZimnyama zisalelwe wukubhekana neSupersport United, AmaZulu FC neMagesi FC ukusonga isizini. Zizodlala neSupersport ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Related Topics: