UMANDLA Ncikazi osabambe izintambo zokuqeqesha i-Orlando Pirates kuze kusongwe isizini, kubukeka enenselelo yokucubuza amagabade kubaphathi baleli qembu ngokuqhubeka nokulihola ngesizini ezayo
Image: BACKPAGEPIX
IMIDLALO emine ye-Orlando Pirates yokuvala isizini yeBetway Premiership ifana nenhlolokhono yokufuna umsebenzi kumqeqeshi waKwaZulu-Natal, uMandla Ncikazi, okuqinisekisiwe ukuthi uzobamba amatomu kweZimnyama njengoba sekuhambe uJose Riveiro waseSpain.
URiveiro ubehleli ebhentshini lePirates okokugcina ngesikhathi ibhekene neLamontville Golden Arrows ngoLwesibili. Lokhu kusho ukuthi uNcikazi uzoyibamba okokuqala uma eZimnyama sezibhekene neTS Galaxy kowePremiership e-Orlando Stadium, eSoweto, kusasa ngo-3 ntambama. Ngemuva kwalo mdlalo, iPirates izosalelwa yiSuperSport United, AmaZulu neMagesi. Nakuba lingekho iqembu elisengaphazamisa iPirates endaweni yesibili kwi-log kodwa akubuzwa ukuthi abaphathi bazobe beyibhekile indlela ezodlala ngayo ngaphansi kukaNcikazi. Ukwenza kahle kungamakhela ugazi, lingene igama lakhe uma sekuqokwa ozothatha iqembu ngokugcwele ngesizini ezayo.
Nakuba elokhu evela amagama abaqeqeshi abagaqele lesi sikhundla kodwa angezitshwe amava kaNcikazi kwezokuqeqesha nasekulazini kangcono leli qembu asesebenze kulona nabaqeqeshi abahlukene amasizini amane.
UNcikazi (56) odabuka eHlokozi, eHigh Flats, akaseyona imfundamakhwela ekuqeqesheni kwiPremiership kwazise uqeqeshile emaqenjini okubalwa kuwona iFree State Stars, Maritzburg United ne-Arrows.
Ngesizini ka-2020/21 uhole i-Arrows yaqeda endaweni yesine kwi-log yePremiership. KweZimnyama uyibambe noJosef Zinnbauer noFadlu Davids.
Ngenkathi uZinnbauer eshiya ngo-2021 esanqobele iPirates isicoco seMTN 8, uNcikazi noDavids bafinyelele kowamanqamu weCaf Confederation Cup, abahlulwe kuyona yiRS Berkane yaseMorocco.
UNcikazi usalile kweZimnyama ngesikhathi uDavids elandela uZinnbauer kwiRaja Casablanca yaseMorocco, wasebenza noRiveiro namaphini akhe, uCarlos Nodar noSergio Almenara.
Esehamba noRiveiro, banqobe izicoco eziyisihlanu kumasizini amathathu, bafinyelela kowandulela owamanqamu weCaf Champions League. Enkulumweni yokuvalelisa kaRiveiro, uthe uyabethemba abaqeqeshi abashiyile ukuthi bazolenyusela kwelinye izinga leli qembu.
Related Topics: