Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

OweSharks ubheke okungcono kowomkhumulajezi we-URC

Xolile Mpisane|Published

U-APHELELE Fassi oshayele iHollywoodbets Sharks amaphenathi amathathu ngesikhathi inqoba iScarlets kowe-URC ngoMgqibelo

Image: BACKPAGEPIX

UXWAYISE iqembu lakhe ukuthi likhuphule izinga emdlalweni olandelayo uma lihlose ukudlulela phambili kweyomkhumulajezi kwi-United Rugby Championship umqeqeshi weHollywoodbets Sharks, uJohn Plumtree.

ISharks inqobe iScarlets yaseWales ngo 12-3 emdlalweni wokugcina wamaqoqo obuseHollywoodbets Kings Park ngoMgqibelo ebusuku, yaqeda isithathu kwi-log.

Womabili la maqembu enze inqwaba yamaphutha kulo mdlalo, ahluleka ukushaya ama-try. Amaphuzu eSharks aqhamuke ngephenathi kaSiya Masuku namanye amathathhu abekwe phakathi ngu-Aphelele Fassi, iScarlets yaphendula nge-dropgoal ka-Sam Costelow.

"Bekungewona umdlalo omuhle wombhoxo, uma sikhuluma iqiniso. Kufanele sibe ngcono kunalokhu. Abadlali nabo bakhungathekile. Bekunezinkinga ezimbalwa ngendlela esihlasela ngayo," kusho uPlumtree.

"Kimina bekubukeka sengathi besizama kakhulu kodwa siqhubeka nokwenza amaphutha. Sisazowuhlaziya umdlalo bese siyabona ukuthi ukuthi kufanele sithuthuke kanjani.”

ISharks isizobhekana neMunster yase-Ireland kwi-quarterfinal ezodlalelwa eKings Park ngoMeyi 31. UPlumtree uthe abadlali bayazi ukuthi kufanele bakhuphule izinga ukuze badlulele kowandulela owamanqamu alo mqhudelwano okokuqala ngqa.

"Sizilolonga kanzima futhi sisebenza kuzo zonke izingxenye zomdlalo kodwa kufanele sithole indlela yokudlulisela lokho emidlalweni. Nginabadlali abanamava eqenjini lami futhi abadingi ukutshelwa lokho," kuqhuba uPlumtree.

"Uma sesibuyela enkundleni emdlalweni olandelayo kuzobe sekuyisigaba somkhumulajezi, okusho ukuthi nakanjani kufanele sidlale kangcono kakhulu uma sifuna ukuqhubeka kulo mqhudelwano. Yonke imidlalo izoba mqoka kakhulu kusukela manje."

I-DHL Stormers izobhekana neGlasgow Warriors yaseScotland kwi-quarterfinal yokuqala ezodlalelwa eGlasgow ngoMeyi 30.

IVodacom Bulls izotholana phezulu nelinye iqembu laseScotland, i-Edinburgh, ngoMeyi 31, kuthi iLeinster yase-Ireland idlale neScarlets ngosuku olufanayo.