Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

OweCity ugabe ngamava kowokusonga isizini neSpurs

Sibusiso Mdlalose|Published

UNOZINTI nokaputeni weDurban City, u-Ayanda Mtshali, okholwa wukuthi kuzomele kusebenze amava abadlali emdlalweni wokusonga isizini yeMotsepe Foundation Championship neCape Town Spurs, ngeSonto, eKapa ukunqoba isicoco seligi

Image: BACKPAGEPIX

UNOZINTI weDurban City, u-Ayanda “Pepe” Mtshali, ukholwa wukuthi amava abadlali beqembu yiwona okumele asebenze emdlalweni omqoka wokusonga isizini yeMotsepe Foundation Championship ngeSonto.

ICity edinga iphuzu ukuze idle isicoco seMotsepe Foundation Championship, inyukele kwiBetway Premiership, izobhekana neCape Town Spurs e-Athlone Stadium, eKapa, ngeSonto ngo-3 ntambama. 

“Kusukela isizini iqala umgomo wethu bekuwukulwela ukunqoba iligi. Yize kungabanga yisizini elula kithina kodwa sekuyakhanya lapho esiya khona. Sesidinga ukukhipha umfutho namandla okugcina ukuqedela umsebenzi,” kusho uMtshali waseMadadeni, eNewcastle.

“Asikayiwini iligi ngoba sisazodlala umdlalo wokugcina wesizini neSpurs. Ngakho umdlalo wethu neSpurs ubaluleke kakhulu. Yize sazi ukuthi sidinga iphuzu kuphela ukuze siwine iligi, kodwa lokho akusho ukuthi sizoyela ukuyodlalela ukuvala emuva ngoba silwela iphuzu. Siyolwela ukuwina.”

ICity igqishe ngabadlali abanamava asebebuya kwiPremiership okubalwa kubona uRuzaigh Gamaldien, Katlego Maphathe, Mphakamiseni Nene, Joslin Kamatuka nabanye.

UMtshali ongumakadebona ebholeni elikhokhelayo noseke wadlala emaqenjini ehlukene okubalwa kuwona iFree State Stars, Bloemfontein Celtic neChippa United, ubona kuzosebenza kakhulu amava kulo mdlalo wangeSonto.

“Iqembu lethu linabadlali abaningi abanamava, nabambalwa abasebancane. Kodwa lo mdlalo walolu hlobo esizowudlala neSpurs udinga abadlali abanamava ukumelana nengcindezi yawo.

Sonke njengabadlali siyabazi ubumqoka bokufaka iqembu kwiBetway Premiership nokuletha injabulo kubalandeli abaseseke isizini iqala njengoba isisongwa,"kusho uMtshali.

ISpurs esendaweni ka-15 kwi-log, isengozini yokugawulwa yizembe uma ihlulwa yiCity. Lokhu kwenza lo mdlalo ubhekwe njengeminye ezoshuba yokusonga isizini.

ICity isesicongweni se-log ngamaphuzu angu-55. Iandelwa yi-Orbit College esendaweni yesibili ngangu-52. 

I-Orbit kumele ithandazele ukuthi iCity ishaywe yiSpurs, bese yona (i-Orbit) ihlohla amagoli angu-10 kwiLeruma United ezodlala nayo ngeSonto, e-Olympia Park Stadium, eRustenburg, okubukeka kuzoba ngumqansa. 

Uma i-Orbit yehlulekile ukugudluza iCity esicongweni se-log ngosuku lokugcina, izothola elinye ithuba emidalweni yama-Play Offs ezoyidlala neqembu elizoqeda endaweni yesithathu nelizoqeda kweka-15 kwiPremiership. 

Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship: 

NgeSonto - Ngo-3pm:

Kruger United v Venda FC (Kanyamazane Stadium); Cape Town Spurs v Durban City (Athlone Stadium); Casric Stars v Hungry Lions (Solomon Mahlangu); Black Leopards v Univ. of Pretoria (Thohoyandou Stadium); Milford FC v Baroka FC (Princess Magogo Stadium); Pretoria Callies v JDR Stars (Dobsonville Stadium); Upington City v Highbury (Mxolisi Dicky Jacobs); Orbit College v Leruma United (Olympia Park)