UMGIJIMI wakuleli, uWayde van Niekerk.
Image: BACKPAGEPIX
USAGXILE ekugijimeni ku-200m njengoba esanda kuqala isizini yakhe umsubathi wakuleli, uWayde van Niekerk,
UVan Niekerk (32) ulale isithathu emjahweni ka-200m kuma-Atlanta City Games, e-United States, ngoMgqibelo, ngesikhathi esingu-20.03.
Lo mjaho unqotshwe nguZharnel Hughes waseGreat Britain ngo-19.55, indawo yesibili yathathhwa nguJereem Richards waseTrinidad and Tobago ngo-19.63.
Lona bekuwumjaho wokuqala ka-Van Niekerk kulo nyaka futhi kungowokuqala selokhu aphuma kwi-semifinal yomjaho ka-200m kuma-Olympics ayeseParis, ngo-Agasti, nyakenye.
Waduma kakhulu ngokuijima ibanga lika-400m, wathola indondo yesiliva ku-200m kuma-World Championships ka-2017. Walandelisa ngokugijima isikhathi sakhe esihamba phambili emjahweni ka-200m ngo-2017, enza u-19.84 emqhudelwaneni owawuseJamaica.
Usakhunjulwa kakhulu ngokunqoba igolide emjahweni ka-400m kuma-Olympic ayeseRio, eBrazil, ngo-2016, lapho ashaya khona isikhathi esingu-43.03, esisayirekhodi lomhlaba.
"Kuyisibusiso esikhulu ukuqeda umjaho. Bekunzima kakhulu kule minyaka emibili edlule ukuthi ngiqede umdlalo ngisesimweni esihle ngakho-ke kuyisibusiso ukuthi ngikwazile ukudlula entanjeni. Ukukwazi ukuwuqeda kuyisibusiso kodwa ngibona sengathi mkhulu umsebenzi okufanele wenziwe," kusho u-Van Niekerk ekhuluma ne-Citius Mag ku-YouTube.
"Kube nzima ukubhekana nokulimala kodwa ngimangele kakhulu ngesikhathi engigijima ngaso. Bekuwumjaho omuhle. Angikabi sezingeni eliphezulu okwamanje."
UVan Niekerk uchithe isikhathi eside eNingizimu Afrika njengoba umkakhe esanda kubeletha kodwa usebheke ukuqhubeka nokwenza kahle ekugijimeni.
Uthe usazogijima u-200m emqhudelwaneni olandelayo azowungenela kodwa uzothatha isinqumo ngokuhamba kwesikhathi ngebanga lika-400m.
"Eqinisweni, into engiyibheke kakhulu yimpilo nokuthula, okunye kuzocaca ngokuhamba kwesikhathi. Umjaho wami olandelayo kuzoba oka-200m eRabat," kusho yena.
Umlenze waseRabat wochungechunge lwe-Wanda Diamond League uzobanjelwa e-Prince Moullay Abdellah edolobheni iRabat, eMorocco, ngoMeyi 25.
Related Topics: