UMSUBATHI wakuleli, uShaun Maswanganyi, ngomunye wabazobonakala kwiWanda Diamond League eDoha kusihlwa.
Image: BACKPAGEPIX
KULINDELWE abasubathi abahamba phambili emhlabeni jikelele emlenzeni wesithathu wochungechunge lweWanda Diamond League ezokuba seDoha, eQatar, namuhla ebusuku.
Lo mqhudelwano uzohanjelwa abasubathi abangu-45 abanqobe izindondo kuma-Olympic nyakenye namaWorld Championships ka-2023.
Phezu kwalokho, labo abaqopha amarekhodi amasha alo mqhudelwano, kusihlwa bazoklonyeliswa u-5000 USD (R90 255) emunye.
Imidlalo ebhekwe kakhulu kwabesilisa umjaho ka-200m, i-high jump, javelin ne-discus. Ohlangothini lwabesifazane amehlo azohlala emjahweni ka-100m, i-steeplechase ne-pole vault.
Umpetha wama-Olympic ebangeni lika-200m, uLetsile Tebogo waseBotswana, uzobe egijima okokuqala kwiDoha Diamond League.
Kule sizini usebambe iqhaza emijahweni ehlukene. Uqale ngeka-400m ekhaya, eGaborone, wadlulela eNingizimu Afrika nase-Australia. Kusukela lapho ube eseshintshashintsha phakathi kweka-200m neka-100m, nokuyinto athe usazoqhubeka nokuyenza.
"Yinto esinqume ukuqhubeka nayo, ukugijima u-200m no-100m. Ngaphambi kwama-Olympic ngangingenaso isikhathi esanele sokugxila kuyo yomibili le mijaho kulandela ukudlula emhlabeni kukamama, kodwa kulo nyaka nginesikhathi esanele sokuziqeqesha,” usho kanje uTebogo esithangamini nabezindaba.
Umsubathi wakuleli, uShaun Maswanganyi, owafinyelela kweyandulela owamanqamu emijahweni ka-100m no-200m eParis, wanqoba indondo yesiliva kwi-relay yabesilisa ye-4x100m, ukwabazoncintisana noTebogo.
Omunye umjaho obhekwe ngabomvu owabesifazane ka-100m lapho isilomo saseJamaica, u-Shelly-Ann Fraser-Pryce, sizobe sigijima khona okokuqala kule sizini.
Umlenze waseDoha uzoba ngowesithathu kwi-Wanda Diamond League. Owokuqala ubuseXiamen, eChina, ngo-Ephreli 26, owesibili waba sedolobheni iShanghai kulona le lizwe ngoMeyi 3.
Umqhudelwano weDiamond League uzoqala nge-discus yabesilisa ngo-4.48 ntambama. Umjaho wabesifazane ka-100m uzoba ngo-6.36pm, owabesilisa ka-200m ube ngo-7.22 ebusuku.
Related Topics: