Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Sincishisiwe isigwebo sikaRabada sezidakamizwa

Xolile Mpisane|Published

UMSHWIBI wamaProteas, uKagiso Rabada.

Image: BACKPAGEPIX

UZOBUYELA enkundleni maduze umshwimi wakuleli obemisiwe, uKagiso Rabada, kulandela ukuncishiswa kwesigwebo sakhe.

URabada (29) ushiye isigubhukane eqenjini lakhe elidlala kwi-IPL, iGujarat Titans, ngenyanga edlule. Leli qembu likhiphe isitatimende liveza ukuthi ubuyele ekhaya ukuyobhekana nezindaba ezithinta yena ngqo.

Ngempelasonto lo mdlali ukhiphe isitatimende lapho ephumele khona obala ngokuthi isizathu sokuthi abuyele kuleli ukuthi bekufanele abhekane nodaba lokumiswa kwakhe kulandela ukutholakala kwesidakamizwa emzimbeni wakhe.

Lokhu akwenzekanga ngesikhathi ese-India kodwa kwenzeka ngesikhathi edlalela iMI Cape Town emqhudelwaneni wakuleli, iSA20, ngoJanuawi.

Inhlangano eqapha ukutshenziswa kwezidakamizwa nokunye okungavumelekile kwezemidlalo, iSouth African Institute for Drug-Free Sport (Saids), kanye neCricket South Africa bakuqinisekisile ukuthi lo mdlali uwuphulile umthetho. 

Nakuba bengasidalulanga isidakamizwa esitholakale kuRabada kodwa sichazwe njengesokuzithokozisa.

URabada uxolisile ngesenzo sakhe futhi usephothule uhlelo oluqwashisa ngezidakamizwa.  Usengabuyela enkundleni njengoba esevele eyihlalile inyanga engadlali.

Ubengekho ngesikhathi iTitans ibhekene neMumbai Indians izolo kodwa kungenzeka abuye uma isidlala olandelayo neDelhi Capitals ngeSonto.

Ukweqiwa yimidlalo kwi-IPL kusho ukuthi uRabada uzolahlekelwa yimali elinganiselwa ku-R23 million, kanti neCricket South Africa izolahlekelwa njengoba ithola ingxenye ethile yemali ngabadlali bakuleli abadlala kwi-IPL.