Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

OweChiefs ufuna baqede isikhwakhwalala seminyaka ngeNedbank

Sibusiso Mdlalose|Published

OYIPHINI lomqeqeshi weKaizer Chiefs, uCedric Kaze, esithangamini sabezindaba eMhlanga, eThekwini, izolo

Image: BACKPAGEPIX

OYIPHINI lomqeqeshi weKaizer Chiefs, uCedric Kaze, ufanisa isomiso sezindebe saleli qembu nokukhulelwa izinyanga eziyisishiyagalolunye osekuyisikhathi sokuthi abelethe. 

UKaze oyiphini lehloko yomqeqeshi, uNasreddine Nabi, usho kanje esithangamini sabezindaba  eMhlanga, eThekwini izolo.   

IChiefs ilungiselela ukuyodlana imilala ne-Orlando Pirates kowamanqamu weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama. 

Amakhosi azodlala owamanqamu nje, sekuphele iminyaka engu-10 ingayazi indebe.

Agcina ukuyidla kuyona le inkundla iMabhida ngo-2014 equkula eyeMTN 8 emuva kokuguqisa eZimnyama.

“Sesinesikhathi eside kakhulu singawini ndebe, ngakho lo mdlalo wamanqamu esizowudlala ubaluleke kakhulu. Ufana nengqophamlando kithina, ngakho kufanele siwunqobe.

Izindimbane zabalandeli baleli qembu zilindele ukusibona siphakamise indebe ngosuku lomdlalo wamanqamu, ngakho lokho kuza nengcindezi enhle kithina,” kusho uKaze.

“Wonke umuntu eqenjini uyakuqonda ukubaluleka kwalo mdlalo wamanqamu esiyowudlala kusukela kubadlali, kuya ethimbeni labaqeqeshi.

Bonke abantu basebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukuqopha umlando ngoMgqibelo. Isikhathi eside singanqobi indebe ngikufanisa nokukhulelwa izinyanga eziyisishiyagalolunye, ngakho sesifikile isikhathi sokubeletha.”

Lezi zingqungqulu zaseSoweto zizodudulana kowamanqamu nje, akukapholi maseko zigadulisane ngoMgqibelo odlule koweligi, eFNB Stadium, eGoli, lapho khona eZimnyama zinqobe ngo 2-1.

Akungatshazwa ukuthi Amakhosi eza kulo mdlalo ngenhloso yokulwela ukubuyisa izinduku, ekubeni eZimnyama zona zifuna ukuziqophela owazo umlando ngokunqoba isicoco seNedbank okwehlandla lesithathu amasizini elandelana.

“Siyakwazi okufanele sikwenze ngoMgqibelo. Siyodlala neqembu elingompetha abavikela isicoco, kodwa owamanqamu owamanqamu, silungiselela ukuyowudlala. 

Kuyiqiniso kona ukuthi umdlalo wamanqamu uyasikhipha leso sinongo sobumnandi bomdlalo webhola ngoba ayikho esike ifuna ukugoba uphondo. Kuzofanele senze kahle emuva sivale, siphinde silwele nokushaya amagoli," kusho uKaze.